Kusolwa umazisi ngophazamisekile
SEKUPHELE iminyaka engaphezu kweshumi owesilisa waseMtshezi elinde umazisi eMnyangweni wezaseKhaya.
UMnuz Sanele Ndlovu (32) washaya umazisi ngo-2006 ehhovisi langakubo, umyalezo ayethenjiswe ukuthi uzongena ocingweni lwakhe uma usukhona, awuzange ungene waze wabuyela ehhovisi.
Unina uNkk Esther Ndlovu uthe indodana yakhe yayifunda ugrade 11 ngalowo nyaka, babethi balungiselela ukuthi ngo-2007 ube usukhona umazisi ukuze angabi nenkinga yokubhala u-matric.
“Sagqigqa emahhovisi waze waphela unyaka kuthiwa awukho umazisi, kuthiwe akaqale phansi ashaye omunye, nawo ungaphumi. Kwaze kwafika isikhathi sokubhalisela ukubhala u-matric, ungafiki. Ngacela othisha ukuthi bambhalise yize umazisi wawungakaphumi,” kusho unina.
UNdlovu akaphumelelanga ezifundweni zakhe kwadingeka ukuthi achibiyele, uMnyango wezeMfundo awuvumanga ukuthi abhale ungekho umazisi.
UNkk Ndlovu uthe konke ababethi bayakuzama ukuthi kwenziwe yindodana yakhe isalinde umazisi akuphumelelanga.
“Akakwazanga ukufundela ukushayela kufunwa umazisi. Wathola itoho ezitolo kodwa wangasebenza ngoba nakhona kwakudingeka umazisi. Le nto yamphatha kabi umntanami, angazi noma yiyo yini eyaholela ekutheni aphazamiseke emqondweni, odokotela bathi uneSchizophrenia. Bamnika impesheni nayo akayiholi ngoba akanawo umazisi,” kusho uNkk ndlovu.
Ngo-2008 uNdlovu watshelwa ukuthi kunowesilisa waseMozambique obanjwe esebenzisa umazisi onemininingwane yakhe kushintshwe isithombe.
Ngo-2010 bafaka isikhalo ngomazisi ongaphumi ehhovisi eliseMgungundlovu nakhona kwathiwa uNdlovu ashaye omunye, wangaphuma.
Ngo-2015 bakhala kumvikeli womphakathi.
“Kwaba sengathi izinto zizolunga, safonelwa yinhlokohhovisi ithi udaba iluthole kumvikeli womphakathi. Yathumela umphenyi ocubungula ngabantu abafudukele kuleli kodwa kwathiwa umbiko wakhe awufinyelelanga khona. Uma simbuza wathi uwuthumele. Kwaphinde kwathunyelwa omunye umphenyi ngo-2016, asazi noma owakhe umbiko wafika yini,” kuchaza uNkk Ndlovu.
Ngemuva kwalokhu uthe inhlokohhovisi yabatshela ukuthi uNdlovu akayoshaya umazisi, uphenyo seluphothuliwe.
“Ehhovisi eliseMtshezi bathi ikhompyutha iyamchitha ithi kusaphenywa, kungcono singalokhu siza ehhovisi, asilinde kuze kufike umyalezo, kuze kube manje awungeni umyalezo ocingweni,” kukhala uNkk Ndluvu.
UMnuz Cyril Mncwabe imenenja yoMnyango wezaseKhaya KwaZuluNatal uthe uzobheka ukuthi kwenziwa yini ukuthi amakhompyutha akhombise ukuthi udaba lusaphenywa lube seluphothuliwe.