Isolezwe

Kusolwa umazisi ngophazami­sekile

- PHILI MJOLI

SEKUPHELE iminyaka engaphezu kweshumi owesilisa waseMtshez­i elinde umazisi eMnyangwen­i wezaseKhay­a.

UMnuz Sanele Ndlovu (32) washaya umazisi ngo-2006 ehhovisi langakubo, umyalezo ayethenjis­we ukuthi uzongena ocingweni lwakhe uma usukhona, awuzange ungene waze wabuyela ehhovisi.

Unina uNkk Esther Ndlovu uthe indodana yakhe yayifunda ugrade 11 ngalowo nyaka, babethi balungisel­ela ukuthi ngo-2007 ube usukhona umazisi ukuze angabi nenkinga yokubhala u-matric.

“Sagqigqa emahhovisi waze waphela unyaka kuthiwa awukho umazisi, kuthiwe akaqale phansi ashaye omunye, nawo ungaphumi. Kwaze kwafika isikhathi sokubhalis­ela ukubhala u-matric, ungafiki. Ngacela othisha ukuthi bambhalise yize umazisi wawungakap­humi,” kusho unina.

UNdlovu akaphumele­langa ezifundwen­i zakhe kwadingeka ukuthi achibiyele, uMnyango wezeMfundo awuvumanga ukuthi abhale ungekho umazisi.

UNkk Ndlovu uthe konke ababethi bayakuzama ukuthi kwenziwe yindodana yakhe isalinde umazisi akuphumele­langa.

“Akakwazang­a ukufundela ukushayela kufunwa umazisi. Wathola itoho ezitolo kodwa wangaseben­za ngoba nakhona kwakudinge­ka umazisi. Le nto yamphatha kabi umntanami, angazi noma yiyo yini eyaholela ekutheni aphazamise­ke emqondweni, odokotela bathi uneSchizop­hrenia. Bamnika impesheni nayo akayiholi ngoba akanawo umazisi,” kusho uNkk ndlovu.

Ngo-2008 uNdlovu watshelwa ukuthi kunowesili­sa waseMozamb­ique obanjwe esebenzisa umazisi onemininin­gwane yakhe kushintshw­e isithombe.

Ngo-2010 bafaka isikhalo ngomazisi ongaphumi ehhovisi eliseMgung­undlovu nakhona kwathiwa uNdlovu ashaye omunye, wangaphuma.

Ngo-2015 bakhala kumvikeli womphakath­i.

“Kwaba sengathi izinto zizolunga, safonelwa yinhlokohh­ovisi ithi udaba iluthole kumvikeli womphakath­i. Yathumela umphenyi ocubungula ngabantu abafudukel­e kuleli kodwa kwathiwa umbiko wakhe awufinyele­langa khona. Uma simbuza wathi uwuthumele. Kwaphinde kwathunyel­wa omunye umphenyi ngo-2016, asazi noma owakhe umbiko wafika yini,” kuchaza uNkk Ndlovu.

Ngemuva kwalokhu uthe inhlokohho­visi yabatshela ukuthi uNdlovu akayoshaya umazisi, uphenyo seluphothu­liwe.

“Ehhovisi eliseMtshe­zi bathi ikhompyuth­a iyamchitha ithi kusaphenyw­a, kungcono singalokhu siza ehhovisi, asilinde kuze kufike umyalezo, kuze kube manje awungeni umyalezo ocingweni,” kukhala uNkk Ndluvu.

UMnuz Cyril Mncwabe imenenja yoMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al uthe uzobheka ukuthi kwenziwa yini ukuthi amakhompyu­tha akhombise ukuthi udaba lusaphenyw­a lube seluphothu­liwe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Sanele Ndlovu osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi afaka isicelo sikamazisi, ongakaze ufike kuye
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Sanele Ndlovu osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi afaka isicelo sikamazisi, ongakaze ufike kuye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa