Isolezwe

USjava uqhakambis­e amasiko ewina eyeBET

- MCEBO MPUNGOSE

UQHAKAMBIS­E ukubalulek­a kwamasiko nemvelaphi uSjava ngesikhath­i amukela indondo yeViewers Choice Best Internatio­nal Act Award kumaBET Awards ngeSonto ebusuku, e-USA.

Kulo mcimbi, oklomelisa abaculi abamnyama base-United States nasemhlabe­ni wonkana, uSjava uhlabane ngale ndondo ehlula abaculi okubalwa kubo, uNiniola waseNigeri­a wodumo leculo iMaradonna, uKwesi waseGhana noPrince Waly waseFrance.

Ngesikhath­i ethatha le ndodo, uSjava uqale ngokucula ikhorasi leculo elimufake emehlweni omhlaba leBlack Panther Album, eyaphrojus­wa nguKendric­k Lamar, iSeasons, ayenza nomrepha uMozzy noReason.

“Ngiyabonga kakhulu kuKendrick Lamar ngethuba anginikeza lona, inkampani engiqopha ngaphansi kwayo

i-Ambitiouz Records, iKZN, abantu baseNingiz­imu Afrika nophrojusa wami uRuff,” kusho uSjava ngesikhath­i amukela indondo yakhe.

Lo mculi obedlubhe izivatho ezigqokwa kakhulu kwaShembe, uveze nokuthi uyathemba ukuthi lokhu kuzogquqqu­zela nabanye kuleli ukuthi bangaphume­lela.

“Ukuba lapha nokunqoba le ndondo kuzojabuli­sa abantu abaningi ekhaya. Baningi abantu abazokhuth­ala babone ukuthi ungaphumel­ela empilweni ngokuba uwena,” kuphetha uSjava.

USjava ube esedlulela emakhasini akhe ezokuxhuma­na lapho ebonge khona abalandeli bakhe, wahlangabe­zana nenqwaba yemiyalezo yabantu okubalwa kubo nosaziwayo abebemuhal­alisela.

Kulabo kubalwa uDJ Maphorisa obhale kuTwitter wathi: “Halala Sjava ngiyaziqhe­nya ngawe.”

UFikile Mbalula umbongelil­e naye. Kwabanye osaziwayo abahalalis­ele, uSjava, kubalwa uCassper, Major League DJs, Natasha Thahane, DJ Tira, Lootlove, Amanda Black, Sizwe Dhlomo nabanye.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? BEZIHLOBE kanje izinsizwa, uSjava noCassper Nyovest e-USA ngesikhath­i behambele amaBET Awards
Isithombe: INSTAGRAM BEZIHLOBE kanje izinsizwa, uSjava noCassper Nyovest e-USA ngesikhath­i behambele amaBET Awards
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa