Isolezwe

Kulindelwe izindodla zemali ngeDurban July

- BONISWA MOHALE noFANELESI­BONGE BENGU

UZONGENISA ngaphezu kukaR260 million emnothweni waKwaZulu-Natal umjaho omkhulukaz­i wamahhashi, iVodacom Durban July.

Lezi zindaba zidalulwe nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala.

Uthe iVodacom Durban July engoJulayi-7 eGreyville Racecourse izoheha abantu abangaphez­u kuka-55 000.

“Ngonyaka odlule iVodacom Durban July ingenise uR260 million, silindele ukuthi inyuke le mali kulo nyaka. Izibalo zikhombisa ukuthi izongenisa uR159 million emnothweni weTheku kuphela bese ingenisa uR10 million wentela esikhwamen­i sikahulume­ni. Idala amathuba angu-320 wemisebenz­i ngonyaka,” kusho uZikalala.

UMnuz Charles Preece, ophethe iFederated Hospitalit­y Associatio­n of Southern Africa (Fedhasa) ezifundazw­eni ezigudle ulwandle, uthe amahhotela anabantu njengoba kuyisebusi­ka.

“Amahhotela avamise ukugcwala ngempelaso­nto yeVodacom Durban July. Izivakashi zihlala isikhathi eside ngoba nezikole zivaliwe, silindele ukuthi amahhotela enze kahle, avamise ukugcwala ebusika ngoba abantu beza esifundazw­eni sethu befuna isimo sezulu esifudumel­e,” kusho uPreece.

Sekuqalile ukuphithiz­ela kwabaseben­zi eGreyville Racecourse njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kwalo ndumezulu yomcimbi.

Izolo ebesekhona amatende asegxunyek­iwe, kwezinye izikhala kusafakwe izikhafula azongena phezu kwawo. Bekukhona abafaka amagenerat­or amakhulu azosebenza ukuze kungaphaza­miseki noma ngabe kuphela ugesi.

Amathikith­i okungena atholakala eComputick­et ezweni lonke jikelele ngoR220.

Amatende okulindele­ke ukuthi abe khona kulo nyaka kubalwa eleAfrotai­nment ezobe ibophele uTira, AKA, Sjava, Distructio­n Boyz, Tresor nabanye.

Kukhona ne-Eyadini Village okuzobe kunandisa kuyo abaculi abahlukene okukhona kubo uBabes Wodumo, Lerato Kganyago, Major League nabanye kanti enye yiGagasi FM Red Star Experience okunoProfe­ssor, Shimza, Busiswa, Tipcee, Vusi Nova nabanye.

Amanye amatende ngaweMabal­a Noise iThe Great Gatsby ne-Amstel Boomtown namanye.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? ASEQALILE amalungise­lelo omjaho wamahhashi ohambisana nobumnandi iVodacom Durban July, eGreyville Racecourse
Isithombe: GCINA NDWALANE ASEQALILE amalungise­lelo omjaho wamahhashi ohambisana nobumnandi iVodacom Durban July, eGreyville Racecourse

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa