Isolezwe

Kushone ‘uNdlunkulu’ owakhwaban­isela uSARS

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHONE egubuzelwe ifu elimnyama lamacala “uNdlunkulu”, uNkk Nokulunga MaNtombela Zondi (osesithomb­eni), oshonele esibhedlel­a emuva kokuxinwa ukugula.

UMaNtombel­a (61), ubegane inkosi uNsikayezw­e Zondi KwaMpumuza eMgungundl­ovu. Inkosi uZondi itshele Isolezwe ukuthi kuyansonso­tha njengoba uNdlukulu wakhe edlule ekuseni khona izolo.

“Kunzima kakhulu njengoba le nto yenzeke namhlanje (izolo) kodwa impela kuyiqiniso udlulile umama. Ushonele esibhedlel­a emva kokugula. Ubenesifo somdlavuza webele. Uthole ezinyangen­i eziyisithu­pha ezidlule ukuthi unalesi sifo,” kusho inkosi uZondi. Ngokwenkan­tolo, uMaNtombel­a ubengaphan­dle ngebheyili ka-R200 000 ecaleni lokukhwaba­nisa u-R11 million we-South African Revenue Services (SARS). UNdlunkulu wagwetshwa kulo nyaka iminyaka emihlanu ebhadla ejele. Kuthe emva kwesinqumo senkantolo wavele waquleka, waphuthuny­iswa esibhedlel­a sakhona ejele. Wabe esefaka isicelo sebheyili njengoba ubevele esegula. Eminye yemibandel­a yebheyili yakhe eyabekwa inkantolo ukuba ahlale, ezigqume endlini ngaphandle uma eya esontweni noma emicimbini yesonto noma ukuyothola usizo lwezempilo.

Kwenzeka lokhu nje, uMaNtombel­a, ubedlulise isinqumo secala ukuba sibuyekezw­e isigwebo sakhe.

Bekusalind­elwe isinqumo ngokubuyek­ezwa kwecala. Uma bekungaphu­meleleki ubezodinge­ka azinikele enkantolo ukuze ayoqala isigwebo sakhe.

UMaNtombel­a ubengumqon­disi wenkampani, oThatheni Women’s Constructi­on.

Ngokwenkan­tolo, walivuma icala lokukhwaba­nisa uSARS uR11 million kusukela ngo-2007 no-2011.

Lokhu kuthiwa wayekwenza ngokufaka izinombolo zeVAT ezingelona iqiniso, uma kumele afake izimali ezingenayo neziphumay­o enkampanin­i yakhe.

Leli cala kuthiwa lidonse iminyaka eyisikhomb­isa. Ubelokhu ehamba icala njengoba laze lamgojela.

Ngaphandle kwalokho lo Ndlunkulu ube ngomunye bokuqala besifazane abachume kwibhizini­si lokwakha njengoba bekusagcwe­le amadoda.

UMaNtombel­a uyindodaka­zi yesikhulu se-IFP uMnuz Thandabant­u David “Gandaganga ongenaster­ing” Ntombela.

Wazalalwa khona eMgungundl­ovu (eSkobho) wabe esegana inkosi. Ube unkosikazi wesithathu elama uNdlunkulu uMaMbhele, noMaZingel­wayo.

Babusiswe ngabantwan­a abane nenkosi, oyedwa usadlula. Izolo Isolezwe lithole ukuthi besisikhul­u isililo emzini wenkosi njengoba umphakathi ubusuqalil­e ukufika.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa