Isolezwe

Isidumo kushiswa ibhasi inabagibel­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSUKE isidumo kukhishwa abagibeli ebhasini likamasipa­la elingqongq­iswe izolo eRidgeview, eThekwini, umphakathi ukhala ngentuthuk­o nezindlu.

Isolezwe lithole ukuthi ibhasi likamasipa­la belithwele abantu libahambis­a ezindaweni ezehlukene ngesikhath­i limiswa umphakathi obungazwil­e.

Kuthiwa abagibeli baphume bekhala ubumayemay­e bengazi noma bazohlasel­wa yini. Umshayeli webhasi naye kuthiwa ukhishiwe wathi nyawo zami ngibelethe.

Umphakathi kuthiwa ubukhala ngokuthi intuthuko uyizwa ngendaba njengoba ingakaze ifike endaweni yawo.

Okunye obekubakha­lisa kakhulu wukuthi badilizelw­e imijondolo yabo manje bafuna izindlu ngodli ngoba balala emnyango.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe basaphenya ngesigamek­o.

“Ekuseni ngo 6 namhlanje (izolo) amaphoyisa aseCato Manor abizwe amaphoyisa umphakathi waseRidgev­iew unodlame uvale umgwaqo ngamathayi avuthayo nangamatsh­e ukhala ngentuthuk­o. Ngokopheny­o umphakathi udubule amaphoyisa washisa ibhasi likamasipa­la. Akekho olimele. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala, elokucekel­a impahla nelodlame. Uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uZwane.

Okhulumela uMasipala weTheku obambe njengenhlo­ko yezokuxhum­ana, uMnuz Mandla Nsele, uthe badumele ngokushisw­a kwebhasi likamasipa­la.

“Ngempelaso­nto uphiko lweLand Invasion lubhidlize izindlu (imijondolo) eyakhiwe ngaphandle kwemvume eRidgeview. Namhlanje (izolo) ekuseni amaphoyisa athole umbiko wokuthi umphakathi usushise imoto (ibhasi) kamasipala. Siyasigxek­a kakhulu isenzo sokucekela phansi impahla kamasipala uma kunemibhik­isho,” kusho uNsele.

Amaphoyisa athe isimo asiqaphile emuva kwalo mbhikisho.

Ngokombiko wamaphoyis­a ukuhamba kwezimoto kuphazamis­ekile ekuseni izolo kodwa zabuye zahamba kahle sekususwe ibhasi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa