Isolezwe

Kubhubhe abahlanu engozini yetekisi nemoto

- NONTUTHUKO NGUBANE

ISHIYE kukhalwa ingozi yePolo netekisi idlula nabangani abahlanu eNtumeni, eShowe.

Lesi sibhicongo ekushone kuso abesilisa abahlanu senzeke ebusuku ngeSonto.

Ngokuthola kweSolezwe, itekisi ithathwe indodana yomnikazi wetekisi ngaphandle kokumazisa yashaya yachitha nomngani wayo ongumakhel­wane, bahambisa abantu edolobheni eShowe.

Le tekisi itholane phezulu nePolo nayo kuhamba abangani abasebenza ndawonye. Itekisi ibisiyekha­ya eVuma, iPolo liya eMpangeni izodlula edolobheni eShowe. Abebehamba ngePolo bashone bonke futhi bengabesil­isa. Etekisini kushone umngani kamshayeli, umshayeli wasinda kodwa usesimeni esibucayi.

Ngokuthola kweSolezwe laba abane bebevela emcimbini womunye uzakwabo obuseNtume­ni kanti kuvele ukuthi bebesebenz­a emayini eseS’khaleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amahlanu okubulala ngokungenh­loso.

“Kushone abahlanu engozini eyenzeke eNtumeni eShowe ngo-7 ebusuku. Kushayisen­e izimoto ezimbili itekisi nencane. Bashone ujuqu endaweni yesigameko, oyedwa waphuthuny­iswa esibhedlel­a. Amaphoyisa aseShowe aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso, akekho osaboshiwe,” kusho uZwane.

Izolo laba abashonile bebengakaq­inisekiswa ukuthi bangobani, bekusalind­eleke imindeni yabo.

Ngakho ukuphawula kwemindeni yabashonil­e ayizange iphumelele njengoba kusalindel­eke beqiniseki­se ukuthi impela laba abashonile izihlobo zabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa