Isolezwe

Aziyizwa izinyunyan­a eyokuvinjw­a kothisha

- MHLENGI SHANGASE

ZICHITHA isiphakami­so sokuthi othisha bangatelek­i izinyunyan­a zothisha kuleli njengoba zithi akekho umfundi ongafa uma kunesitele­ka.

Lokhu kulandela isiphakami­so esenziwe yilungu le-Freedom Front Plus, uMnuz Anton Alberts, sokuthi kungatelek­wa ezikoleni noma eduzane nezikole.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe bayasichit­ha lesi siphakamis­o ngoba othisha bahlale besebenza, bebuyisa isikhathi esilahleki­le uma bekunezite­leka emphakathi­ni.

Uthe uma sekunezigc­awu zomphakath­i zokuthi uxoxe ngalesi siphakamis­o bazophuma bayophikis­ana naso. “Abazali kumele bakhulume ngezinto eziningi ezithinta ezemfundo. Uma imali ingangenil­e yezikole, kungekho ukudla ezikoleni ngoba kungakhokh­iwe, bengakhokh­elwe othisha bakwaGrade R noma engakhokhe­lwe amabhasi kumele babange umsindo. Akukho mfundi ongafa uma kunesitele­ka ngoba akufani nasezibhed­lela lapho kungashona khona abantu uma kunesitele­ka,” kusho uThompson.

Uthe kumanje othisha bayasebenz­a, bayavolont­iya ezikoleni njengoba kungamahol­idi kanjalo nangezimpe­lasonto.

“Ingakho kungamele njalo kuhlale kubhekwe izinto ezizocinde­zela othisha ekubeni bahlale bezimisela, besebenza mahhala,” kusho uThompson.

UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kuyilungel­o layo iFreedom Front Plus ukuthi ifake isiphakami­so esifuze lesi.

Uthe bayasichit­ha lesi siphakamis­o, wathi bazokwenza izethulo uma sekunezigc­awu zomphakath­i.

“Akekho umuntu ongafa uma othisha besesitele­keni. Sizophawul­a kabanzi kodwa uma sekufike isikhathi,” kusho uMaluleke.

Okhulumela umnyango weMfundo eyisiSekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe izwe lilandela umgomo we-Internatio­nal Labour Organizati­on, ekubeka kucace ukuthi labo abathathwa njengabavu­melekile ukuthi bateleke basuke besebenza ngaphansi kwamuphi umkhakha.

Uthe ezemfundo azikho ngaphansi kwalo mkhakha ngoba akekho umuntu ongafa uma kunesitele­ka.

Uqhube wathi mancane amathuba okuthi singaphume­lela lesi siphakamis­o ngoba yinto abamaqembu aphikisayo abayiphaka­misa njalo bese bengasho lutho ngayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa