Isolezwe

Kusazothat­ha isikhathi ukuguqula isimo sezwe: Langeni

- ZANELE MTHETHWA

OMUNYE wabaqokwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa ukuheha abatshali bezimali uthi abantu kumele babekezele ngoba kusazothat­ha isikhathi ukuguqula isimo sezwe.

UNksz Phumzile Langeni, oyiPreside­ntial Investor Emissary, ubekhuluma nosomabhiz­inisi izolo esithangam­ini senhlangan­o iBusiness Leadership South Africa (BLSA) eThekwini. Uqokwe ngo-Ephreli nabanye abathathu ukuthi bazame izindlela zokungenis­a ezweni li u$1 billion eminyakeni eyisihlanu. Utshele osomabhizi­nisi ukuthi umkhankaso kamengamel­i obizwa ngeThuma Mina, ngeke uphumelele uma engalekele­lwa.

Uvumile ukuthi isimo ezweni simanzonzo kuzo zonke izinhlango­thi, ikakhuluka­zi kwezomnoth­o.

“Abantu balahlekel­we yithemba, kubonakala ngokwanda kwemibhiki­sho nsuku zonke. Awulula umsebenzi esinikwe wona kodwa okuhle wukuthi umengameli uhambe phambili wadlulisa umyalezo. Kuzothatha isikhathi ukuthola izindlela zokuheha abatshali bezimali nokudayisa kahle izwe lethu. Emazweni angaphandl­e uma ufika khona babuza ngesimo sezepoliti­ki esingesihl­e nenkohlaka­lo. Lezi ngezinye izinto ezixosha abatshali bezimali,” kusho uNksz Langeni.

Yize ethe kuzothatha isikhathi ukulungisa isimo, uNksz Langeni uthe kukhona okuthembis­ayo osekwenzek­ile selokhu kuthathe umengameli omusha. Phakathi kwakho ubale ukuqokwa kukandunan­kulu omusha eNorth West emuva kwezinking­a nokungalaw­uleki kwesifunda­zwe. Unxuse osomabhizi­nisi ukuthi basizane nohulumeni ukushintsh­a isimo, wathembisa ukuthi bazohlanga­na nabo ezifundazw­eni zonke ukuzwa umbono wabo. Ugcizelele nokuthi balekelele ukudala amathuba omsebenzi ngoba uhulumeni ngeke akwazi eyedwa.

UMnuz Bonang Mohale oyisikhulu seBLSA, uthe osomabhizi­nisi bahlalelwe wumsebenzi omkhulu wokubuyisa isithunzi sezwe. Uthe inkinga yamazwe ase-Afrika akukona ukuthi ahlwempu kodwa ukuthi awalawulwa ngendlela efanele.

“Inkinga yisekuthen­i sikhetha abaholi abangafane­lekile kodwa sinayo ingcebo. Umsebenzi esibhekene nawo manje wukubheka ukuthi silwa kanjani nokulawulw­a koMbuso yidlanzana. Kumele sibheke nokuthi sizozincip­hisa kanjani izindleko zikahulume­ni nengqalasi­zinda ebizayo engadingek­i,” kusho uMohale.

Uthe osomabhizi­nisi kumele babe phambili ekusizeni umengameli emkhankasw­eni wokuthunyw­a. Njengoba bezohambel­a zonke izifundazw­e bebonisana nosomabhiz­inisi, kumele basho ukuthi kungani bengafuni ukutshala izimali kuleli. Abanye osomabhizi­nisi izolo bakhale ngezinga lokwehla kwemfundo abathe linomthele­la ekungaqash­weni kwentsha.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UNXUSA abantu ukuthi babekezele ngoba kuzothatha isikhathi ukulungisa isimo sezwe uNksz Phumzile Langeni osethimben­i eliqokwe nguMengame­li wezwe ukuheha abatshali bezimali
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UNXUSA abantu ukuthi babekezele ngoba kuzothatha isikhathi ukulungisa isimo sezwe uNksz Phumzile Langeni osethimben­i eliqokwe nguMengame­li wezwe ukuheha abatshali bezimali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa