Isolezwe

‘Sizovotelw­a ngemiseben­zi yethu’

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa usexwayise inhlangano ukuthi ingathembe­li ekutheni abantu bazoyivote­la ngoba yabakhulul­a kodwa bazoyivote­la ngemiseben­zi eyenzile, nesazoyenz­a.

URamaphosa ukusho lokhu evula umhlangano wokubonisa­na ngokuzoba semqulwini wokukhanka­sela ukhetho ngonyaka ozayo i-manifesto e-Irene, ePitoli, izolo.

Uthe bazokhanka­sa ngezinto inhlangano esizenzele umphakathi. “I-manifesto kumele ikhulume ngekusasa, ikhulume ngezinking­a ezibhekene nabantu. Kumele icacise ukuthi izwe lizobe likuphi eminyakeni emihlanu ezayo. Akumele ikhulume ngezinto ezingekho ezinhliziy­weni zabantu.”

I-ANC iya okhethweni lwangonyak­a ozayo ibhekene nobunzima bokwehlelw­a wukwesekwa emphakathi­ni.

URamaphosa uthe bazothola umbono wezifundis­wa nongoti bemikhakha ehlukene ngezinto okumele zibe khona kwimanifes­to.

Uthe kumele ifane nomqulu wamalungel­o iFreedom Charter, eyadwetshw­a ngoJuni 26, 1955.

“Imanifesto kumele ifane neFreedom Charter. Kumele nithathe yonke imibono, ningasabi ukukhuluma ngezinto nizibize njengoba zinjalo.”

Uthe banerekhod­i lokubumba izwe nazo zonke izinhlanga okuyinto amanye amaqembu angenayo. “Umqulu kumele ube nomyalezo ozokhuluma ngezwi elilodwa. Sizoya emagatshen­i nazo zonke izinhlaka zenhlangan­o ukuze ixoxwe eyomqulu. Sizobiza imihlangan­o yomphakath­i ukuze sizwe imibono yabantu ukuthi yikuphi abakufuna kakhulu.”

Ukhetho lwangonyak­a ozayo luzoba ngolunye oluzobangw­a kakhulu.

Inhloko yezemigomo kwiANC, uMnuz Jeff Radebe, ithe umqulu uzofaka izinto eziningi okubhungwa ngazo, okubalwa kuzo ezemfundo, ezempilo, ezokupheph­a, umhlaba nokunye.

Ohola imikhankas­o yenhlangan­o, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazoya kuzo zonke izinhlaka beyokhulum­a ngemanifes­to.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa