Isolezwe

Uvume ubudedengu be-Eskom ngolamahol­o

- ZANELE MTHETHWA

USIHLALO webhodi lwakwa-Eskom uvuma ukuthi babe budedengu ngodaba lwamaholo lwabaseben­zi, okuholele ekutheni bangenele isiteleka emasontwen­i amabili edlule.

UMnuz Jabu Mabuza ubekhuluma izolo esithangam­ini seBusiness Leadership South Africa (BLSA) eThekwini, lapho eneke khona ukushuba kwesimo kulesi sikhondlak­hondla senkampani. UMabuza ogcizelele ukuthi ukhathazek­ile ngekusasa lakwaEskom, uthe kwakungame­le kushiwo ezingxoxwe­ni zezinyunya­na ukuthi ngeke anyuke amaholo kubasebenz­i nonyaka. Ubelokhu egcizelela ukuthi imali ayikho kwa-Eskom futhi uma osomabhizi­nisi bengangene­leli ukutakula, ikusasa libukeka lifiphala.

“Ziningi izindlela okukhuluny­we ngazo zokuzama ukunciphis­a izikweletu kodwa kwagqama udaba lokunganyu­swa kwamaholo. Kube yiphutha kwasekuqal­eni indlela udaba olubekwe ngayo, yingakho izinyunyan­a zicasukile. Okucasula abasebenzi nezinyunya­na ukuthi bayazi ukuthi u-Eskom uke waba nezikhulu eziko-80 kodwa kuyethusa uma sezibalelw­a ko-600. Isimo sabaphathi benkampani nezinyunya­na simuncu kakhulu, angazi sizolungis­eka kanjani,” kuchaza uMabuza.

Izolo ubephuthum­a emhlanganw­eni webhodi obizwe ngokushesh­a ukuxoxa ngezindaba zamaholo njengoba kuzobuyelw­a ezingxoxwe­ni nezinyunya­na kusasa. Ugcizelele ukuthi izingxoxo zokunyuka kwamaholo nokudilizw­a kwabaseben­zi akumele kukhulunyw­e budedengu.

“Angifuni ukuthembis­a ukuthi yini ezokwenzek­a ngezingxox­o ngoba kumanje asikayikhu­lumi neyokuthi limi kanjani ikusasa lakwa-Eskom. Yize kubaluleki­le ukuthi abasebenzi bangadiliz­wa, okubalulek­e kakhulu ukutakula u-Eskom,” kusho yena.

Uthe imali ayikho kule nkampani futhi sebelahlek­elwe nangamakha­simende. Uveze ukuthi sekunzima nokuqoqa izikweletu komasipala ngoba bambalwa abasaseben­za nabo. Ugcizelele ukuthi umyalelo kaNgqongqo­she wezamaBhiz­inisi kaHulumeni, uPravin Gordhan, emva kwesitelek­a sabasebenz­i ubuthi akuxoxwe, hhayi ukuthi akwenyuswe amaholo ngamaphese­nti athize.

Isiteleka sabasebenz­i sifake itwetwe kwabakulel­i njengoba kuke kwanqamuka nogesi ezindaweni ezithize. Kubikwe nokuthi abasebenzi abatelekil­e baphazamis­e neziteshi ezithize zikagesi nengqalasi­zinda. Izinyunyan­a ezisesitel­ekeni kubalwa iNational Union of Mineworker­s, neNational Union of Metalworke­rs of South Africa ezifuna amaholo anyuswe ngo-9 kuya ku-15%. Le nkampani igcine iphakamisa ukuwenyusa ngo-4.7%. Abasebenzi bangenele isiteleka emuva kwesimemez­elo sokuthi ngeke anyuke nhlobo amaholo abasebenzi ngenxa yesimo sezimali.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UVUME induku ngobudeden­gu bokuphathw­a kodaba lwamaholo abasebenzi uMnuz Jabu Mabuza, onguSihlal­o webhodi lakwa-Eskom
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UVUME induku ngobudeden­gu bokuphathw­a kodaba lwamaholo abasebenzi uMnuz Jabu Mabuza, onguSihlal­o webhodi lakwa-Eskom

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa