Usola umasipala ngoR10 million wokwakha isikole
SEKUVELE ukuthi imali eyanikelelwa umphakathi waseDundee, eSibongile, enguR10 million ukuze kwakhiwe isikole yathathwa umasipala wakha ngayo inkundla yeRugby esesilungwini.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi emasontweni amabili edlule, umphakathi uvuke umbhejazane wagcwala izitaladi zedolobha laseDundee wazama nokushisa namatekisi ngoba kwezinye zezikhalo zawo wawufuna incazelo ngale mali.
IMeya yaseNdumeni, uMnuz Sboniso Mbatha, ithe kwaphoqeleka ukuba le mali bayisebenzisele ukwakha kabusha le nkundla yebhola lombhoxo ngenxa yokuthi babengenaso isabelomali somkhandlu esasiqondene nayo. “Le mali yayinikelwe imayini ukuze kwakhiwe isikole. Nokho saba nesimo sokuthi kuklanywe kabusha imingcele nokwaba nomthelela ku-ward 7 ophethwe uKhansela, uDkt Isri Bedassi. Kwathi uma le ward isiklanywe kabusha kwacaca ukuthi umkhandlu awunayo imali eqondene nezinhlelo zayo ngoba yaklanywa sesihlahliwe isabelomali. Sanquma ukuthi sicaphune uR6 million, sayokwakha kabusha le nkundla ukuze ithuthukise umnotho wethu ngokusilethela imidlalo yeRugby esezingeni,” kusho uMbatha.
Uqhube wathi enye ingxenye yale mali bayisebenzisele ezinye izinhlelo. Uthe u-R2 million bawuhlelele ukwakha inkulisa ku-ward 1 ongaphansi kwenkosi yakwaSithole.
Omunye uR2 million uzokwakha izindlu zokudayisa ezizosetshenziswa omama abathengisa emgwaqweni.
UMbatha ukuchithile ukuthi le mali kwakhiwa ngayo inxanxathela yezitolo zaseGlencoe.
Umphakathi uwotha ubomvu njengoba ukhala ngokuthi kungani imali eyayizosiza wona, yayiswa endaweni yabantu abangaswele nabadla izambane likapondo.
Lo mphakathi uyifuna la le mali njengoba uthi usidinga sakhiwe isikole ababesibheke ngabomvu ngemuva kokunikelelwa imayini.
Ngaphandle kwalokho imeya ibuye yachaza ngodaba lo mhlaba okunezikhalo zokuthi ibambezele uhlelo lokunxephezelwa kwalo mphakathi waseSibongile.
“Empeleni uhlelo lokuba banxeshezelwe luqalwe ngingakabi iMeya. Kuthe uma ngingena ngazibophezela ngonyaka odlule ekutheni ngizowusiza lo mphakathi ofuna ukunxeshezelwa ngokuthi ngibahambise eMinyangweni eqondene nodaba lwabo. Inkinga kuthe ngisephakathi nodaba ngabanebhadi ngaboshwa,” kusho uMbatha.
Umphakathi waseSibongile unamalungu angu-1 240 afake izicelo zokunxeshezelwa ngemali engaphezulu kukaR100 million, umuntu ngamunye ufuna isinxephezelo sikaR100 000.
Laba bantu basuswa endaweni yabo okuthiwa iFarm Doctor bayolahlwa endaweni esibizwa ngokuthi iSibongile, osekuyilokishi laseDundee.
UMbatha uthe ngisho uMnyango usuluphothulile ucwaningo ngalaba bantu abafake izicelo.
Uthe lolu cwaningo lwenziwa inkampani okuyiSizwe Ntsaluba Gobodo.