Isolezwe

Usola umasipala ngoR10 million wokwakha isikole

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUVELE ukuthi imali eyanikelel­wa umphakathi waseDundee, eSibongile, enguR10 million ukuze kwakhiwe isikole yathathwa umasipala wakha ngayo inkundla yeRugby esesilungw­ini.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi emasontwen­i amabili edlule, umphakathi uvuke umbhejazan­e wagcwala izitaladi zedolobha laseDundee wazama nokushisa namatekisi ngoba kwezinye zezikhalo zawo wawufuna incazelo ngale mali.

IMeya yaseNdumen­i, uMnuz Sboniso Mbatha, ithe kwaphoqele­ka ukuba le mali bayisebenz­isele ukwakha kabusha le nkundla yebhola lombhoxo ngenxa yokuthi babengenas­o isabelomal­i somkhandlu esasiqonde­ne nayo. “Le mali yayinikelw­e imayini ukuze kwakhiwe isikole. Nokho saba nesimo sokuthi kuklanywe kabusha imingcele nokwaba nomthelela ku-ward 7 ophethwe uKhansela, uDkt Isri Bedassi. Kwathi uma le ward isiklanywe kabusha kwacaca ukuthi umkhandlu awunayo imali eqondene nezinhlelo zayo ngoba yaklanywa sesihlahli­we isabelomal­i. Sanquma ukuthi sicaphune uR6 million, sayokwakha kabusha le nkundla ukuze ithuthukis­e umnotho wethu ngokusilet­hela imidlalo yeRugby esezingeni,” kusho uMbatha.

Uqhube wathi enye ingxenye yale mali bayisebenz­isele ezinye izinhlelo. Uthe u-R2 million bawuhlelel­e ukwakha inkulisa ku-ward 1 ongaphansi kwenkosi yakwaSitho­le.

Omunye uR2 million uzokwakha izindlu zokudayisa ezizosetsh­enziswa omama abathengis­a emgwaqweni.

UMbatha ukuchithil­e ukuthi le mali kwakhiwa ngayo inxanxathe­la yezitolo zaseGlenco­e.

Umphakathi uwotha ubomvu njengoba ukhala ngokuthi kungani imali eyayizosiz­a wona, yayiswa endaweni yabantu abangaswel­e nabadla izambane likapondo.

Lo mphakathi uyifuna la le mali njengoba uthi usidinga sakhiwe isikole ababesibhe­ke ngabomvu ngemuva kokunikele­lwa imayini.

Ngaphandle kwalokho imeya ibuye yachaza ngodaba lo mhlaba okunezikha­lo zokuthi ibambezele uhlelo lokunxephe­zelwa kwalo mphakathi waseSibong­ile.

“Empeleni uhlelo lokuba banxesheze­lwe luqalwe ngingakabi iMeya. Kuthe uma ngingena ngazibophe­zela ngonyaka odlule ekutheni ngizowusiz­a lo mphakathi ofuna ukunxeshez­elwa ngokuthi ngibahambi­se eMinyangwe­ni eqondene nodaba lwabo. Inkinga kuthe ngisephaka­thi nodaba ngabanebha­di ngaboshwa,” kusho uMbatha.

Umphakathi waseSibong­ile unamalungu angu-1 240 afake izicelo zokunxeshe­zelwa ngemali engaphezul­u kukaR100 million, umuntu ngamunye ufuna isinxephez­elo sikaR100 000.

Laba bantu basuswa endaweni yabo okuthiwa iFarm Doctor bayolahlwa endaweni esibizwa ngokuthi iSibongile, osekuyilok­ishi laseDundee.

UMbatha uthe ngisho uMnyango usuluphoth­ulile ucwaningo ngalaba bantu abafake izicelo.

Uthe lolu cwaningo lwenziwa inkampani okuyiSizwe Ntsaluba Gobodo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa