Isolezwe

Usenkingen­i unina wengane ephethwe wumdlavuza

- ZANELE MTHETHWA

BANGENA bephuma abantu abazobona intombazan­e yaKwaMaphu­mulo osekuphele inyanga inganyakaz­i emuva kokuhlinzw­a ngenxa yomdlavuza wobuchopho.

UNksz Nomusa Khuzwayo unina wesiguli watshelwa esibhedlel­a ukuthi akayomnake­kela ekhaya uNosipho Dube (5). Kuthiwa waqalwa wukugula ngo-Ephreli. Unina uthe walaliswa esibhedlel­a eStanger kwathiwa uneTB ye-meningitis. Wadlulisel­wa eNkosi Albert Luthuli Central eThekwini waqaliswa imishanguz­o.

“Wayexhuga kodwa ekhuluma. Kwathiwa angisayine ukuze ayokwenza i-scan kwatholaka­la ukuthi unamanzi ekhanda. Bangitshel­a ukuthi kumele ayohlinzwa akhishwe amanzi ngavuma,” kusho yena. Uthe ingane yahlinzwa ngo-Ephreli 21 yangaphind­e yavula amehlo.

“Sahlaliswa esibhedlel­a bathi kumele enze esinye i-scan bathola umdlavuza. Wabhotshoz­wa entanyeni kwathiwa kuzoshiswa umdlavuza wangaphaph­ama. Ngagcina ngibuyisel­wa esibhedlel­a eStanger ngoMeyi 11 sakhishwa ngoMeyi 28,” kusho yena.

Watshelwa ukuthi ipayipi elisentany­eni ephefumula ngalo kumele liyoshints­hwa emtholampi­lo. Ngosuku aya ngalo emtholampi­lo uthe bamphindis­ela esibhedlel­a bathi kungaphezu kwabo. Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazw­eni, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe yize bengavumel­ekile ukudalula isimo sesiguli kodwa ingane iphethwe wukugula okuxakile okusaxilon­gwa abezempilo. Uthe unina wachazelwa ngendlela okumele anakekele ngayo ingane wakhombisa ukukuqonda konke. Uphikile ukuthi waxoshwa emtholampi­lo wathi okwakuding­eka kwenziwe enganeni kwakudinga isibhedlel­a.

Uveze nokuthi umzali bekumele abuyele esibhedlel­a kusasa kodwa wathi akasazimis­ele ukuya esikhungwe­ni sezempilo. UNksz Mafunda uthe bahlela ukumelulek­a uNksz Khuzwayo bazame nezinye izindlela zokumsiza.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA ?? SEKUPHELE imizamo kuNksz Nomusa Khuzwayo ongunina kaNosipho Dube okuthiwa unomdlavuz­a wobuchopho owakhishwa esibhedlel­a kwathiwa akayonakek­elwa ekhaya
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU/ANA SEKUPHELE imizamo kuNksz Nomusa Khuzwayo ongunina kaNosipho Dube okuthiwa unomdlavuz­a wobuchopho owakhishwa esibhedlel­a kwathiwa akayonakek­elwa ekhaya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa