Usenkingeni unina wengane ephethwe wumdlavuza
BANGENA bephuma abantu abazobona intombazane yaKwaMaphumulo osekuphele inyanga inganyakazi emuva kokuhlinzwa ngenxa yomdlavuza wobuchopho.
UNksz Nomusa Khuzwayo unina wesiguli watshelwa esibhedlela ukuthi akayomnakekela ekhaya uNosipho Dube (5). Kuthiwa waqalwa wukugula ngo-Ephreli. Unina uthe walaliswa esibhedlela eStanger kwathiwa uneTB ye-meningitis. Wadluliselwa eNkosi Albert Luthuli Central eThekwini waqaliswa imishanguzo.
“Wayexhuga kodwa ekhuluma. Kwathiwa angisayine ukuze ayokwenza i-scan kwatholakala ukuthi unamanzi ekhanda. Bangitshela ukuthi kumele ayohlinzwa akhishwe amanzi ngavuma,” kusho yena. Uthe ingane yahlinzwa ngo-Ephreli 21 yangaphinde yavula amehlo.
“Sahlaliswa esibhedlela bathi kumele enze esinye i-scan bathola umdlavuza. Wabhotshozwa entanyeni kwathiwa kuzoshiswa umdlavuza wangaphaphama. Ngagcina ngibuyiselwa esibhedlela eStanger ngoMeyi 11 sakhishwa ngoMeyi 28,” kusho yena.
Watshelwa ukuthi ipayipi elisentanyeni ephefumula ngalo kumele liyoshintshwa emtholampilo. Ngosuku aya ngalo emtholampilo uthe bamphindisela esibhedlela bathi kungaphezu kwabo. Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe yize bengavumelekile ukudalula isimo sesiguli kodwa ingane iphethwe wukugula okuxakile okusaxilongwa abezempilo. Uthe unina wachazelwa ngendlela okumele anakekele ngayo ingane wakhombisa ukukuqonda konke. Uphikile ukuthi waxoshwa emtholampilo wathi okwakudingeka kwenziwe enganeni kwakudinga isibhedlela.
Uveze nokuthi umzali bekumele abuyele esibhedlela kusasa kodwa wathi akasazimisele ukuya esikhungweni sezempilo. UNksz Mafunda uthe bahlela ukumeluleka uNksz Khuzwayo bazame nezinye izindlela zokumsiza.