Ayisukunyelwe eyekhansela le-IFP elihola lisejele
IZOLO sibike ngodaba lwekhansela laKwaNongoma eligwetshiwe elidonsa isigwebo ejele kodwa eliqhubekayo nokuholela ukuba yikhansela.
UZamani Henry Sibiya, obeyikhansela le-IFP ku-ward 20, udonsa iminyaka eyisithupha ejele iVolkrust kusukela ngoMeyi 4. Wadlulisela icala lakhe kodwa isicelo sangaphumelela inkantolo yavele yamandisela iminyaka azoyihlala ejele wagwetshwa eyisithupha esikhundleni semithathu.
Lokhu kuwubufakazi bokuthi inkinga ekuphathweni kwemali nempahla kuhulumeni ayikho eqenjini elibusayo kuphela kodwa ikuwo wonke amaqembu akuhulumeni.
Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu ahole esegwetshiwe waze walahlwa yizinkantolo ezimbili ngecala? Umuntu akavele agwetshwe nje kodwa kuqale kuqulwe icala. Ngesikhathi kuqulwa icala likaSibiya akekho obazi ukuthi ubhekene necala kubaphathi bakhe?
Kukhona abantu abangawenzi umsebenzi wabo futhi kuyacaca ukuthi lena yinto yamabomu, kubonakala nanendlela abeqembu lakhe uSibiya abaphendula ngayo uma bebuzwa.
Imeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ithe ayazi ukuthi abe-NFP bakuthathaphi ukuthi uSibiya uyahola yakhuluma nangokuthi iNFP yahlulwa ukukhokhela imali yokungenela ukhetho.
Kuhlangana kanjani ukuthi iNFP yahlulwa ukukhokhela ukungenela ukhetho nokuthi kunomuntu oholayo kungafanele ngoba nenkantolo okudluliselwa kuyo icala yamlahla?
Kungani inhlangano eyengamele ukhetho, i-IEC ingabikeliwe ngoba kufanele ngabe sekube nokhetho lokuchibiyela kule-ward ngoba ayisenalo ikhansela?
Ukuxhashazwa kwemali kahulumeni yinto eyenzeka yonke indawo futhi impi engakezukunqotshwa kalula uma kubhekwa indlela okwenzeka ngayo.
Kudingeka ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana ophethe omasipala ulusukumele lolu daba futhi kukhona okumele bathathelwe izinyathelo. Imali uSibiya ayihole kungasafanele kumele ayikhokhe.
Uma omasipala behluleka ukulawula into elula kangaka kusho ukuthi isazophathwa budlabha imali yabakhokhi bentela.