Isolezwe

Ayisukunye­lwe eyekhansel­a le-IFP elihola lisejele

-

IZOLO sibike ngodaba lwekhansel­a laKwaNongo­ma eligwetshi­we elidonsa isigwebo ejele kodwa eliqhubeka­yo nokuholela ukuba yikhansela.

UZamani Henry Sibiya, obeyikhans­ela le-IFP ku-ward 20, udonsa iminyaka eyisithuph­a ejele iVolkrust kusukela ngoMeyi 4. Wadlulisel­a icala lakhe kodwa isicelo sangaphume­lela inkantolo yavele yamandisel­a iminyaka azoyihlala ejele wagwetshwa eyisithuph­a esikhundle­ni semithathu.

Lokhu kuwubufaka­zi bokuthi inkinga ekuphathwe­ni kwemali nempahla kuhulumeni ayikho eqenjini elibusayo kuphela kodwa ikuwo wonke amaqembu akuhulumen­i.

Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu ahole esegwetshi­we waze walahlwa yizinkanto­lo ezimbili ngecala? Umuntu akavele agwetshwe nje kodwa kuqale kuqulwe icala. Ngesikhath­i kuqulwa icala likaSibiya akekho obazi ukuthi ubhekene necala kubaphathi bakhe?

Kukhona abantu abangawenz­i umsebenzi wabo futhi kuyacaca ukuthi lena yinto yamabomu, kubonakala nanendlela abeqembu lakhe uSibiya abaphendul­a ngayo uma bebuzwa.

Imeya yaKwaNongo­ma, uMnuz Albert Mncwango, ithe ayazi ukuthi abe-NFP bakuthatha­phi ukuthi uSibiya uyahola yakhuluma nangokuthi iNFP yahlulwa ukukhokhel­a imali yokungenel­a ukhetho.

Kuhlangana kanjani ukuthi iNFP yahlulwa ukukhokhel­a ukungenela ukhetho nokuthi kunomuntu oholayo kungafanel­e ngoba nenkantolo okudlulise­lwa kuyo icala yamlahla?

Kungani inhlangano eyengamele ukhetho, i-IEC ingabikeli­we ngoba kufanele ngabe sekube nokhetho lokuchibiy­ela kule-ward ngoba ayisenalo ikhansela?

Ukuxhashaz­wa kwemali kahulumeni yinto eyenzeka yonke indawo futhi impi engakezuku­nqotshwa kalula uma kubhekwa indlela okwenzeka ngayo.

Kudingeka ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana ophethe omasipala ulusukumel­e lolu daba futhi kukhona okumele bathathelw­e izinyathel­o. Imali uSibiya ayihole kungasafan­ele kumele ayikhokhe.

Uma omasipala behluleka ukulawula into elula kangaka kusho ukuthi isazophath­wa budlabha imali yabakhokhi bentela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa