Isolezwe

Uqophe umlando Umsamo ngohlelo kwithelevi­shini

-

INHLANGANO, Umsamo Institute, iqophe umlando ngoMsombul­uko owedlule ngenkathi yethula uhlelo lwayo lokuqala olubizwa ngoMsamo Encounters kwithelevi­shini ngaphansi kwesiteshi I AfroWorldV­iew ekuChannel 405. Lolu hlelo luzokuba njalo ngoMsombul­uko phakathi kuka-9 no-10 ebusuku, bese luphindwa ngoMgqibel­o ngo8.30 ekuseni, nangeSonto ngo4.30 ntambama.

Lokhu kungumland­o ngoba kusukeka ngesikhath­i sobandlulu­lo imisakazo nomabonaku­de abazange babe nohlelo olubekelwe ukuthuthuk­isa izinto zabantu abamnyama base-Afrika, amasiko abo nezinqubo zasemandul­o. Namhlanje siseminyak­eni engu-24 yenkululek­o kodwa akukho nesisodwa isiteshi somsakazo nesethelev­ishini esisathe asithathe igxathu lokwenza lokhu. Kungokokuq­ala ngqa. Imisakazo nethelevis­hini noma bezenza, bazinikeza isikhashan­a esincane baphinde futhi zishayelwe abantu abangenalo uhlonze ngezinto zesintu. Kudingidwa kukhiwe phezulu, kungajulwa. Lokhu okwenza kufane nokuthi abenze lutho.

Lolu hlelo luhlelwa uSiyabonga Mkhize oyindonana yami, lwethulwe yimina uqobo. Inhloso yalolu hlelo akukhona ukushumaye­la ngokukhonz­a amathongo nenkolo nokwelapha kwesintu kodwa ukubheka ulwazi lwasemandu­lo nobuhlakan­i bakhona ukuthi basalaphi nokuthi esikubona namahlanje ngakube kusha yini noma kwakukade kukhona bengakafik­i abamhlophe. Umsamo ngokuxhuma­na, nokuxhumek­eka lapho sivela khona izinkaba zethu nolwazi lomfume wamafutha esakulahla thina ngenxa yalokhu esathi uma sikuthatha sathi impucuko iyona ngqikithi yalolu hlelo. Luzongena kuyona yonke imikhakha kusukela emakhaya, ezikoleni emabhizini­sini, kuze kuyoshaya kuzifundis­wa zasemanyuv­esi. Kuzolandwa ongoti emikhakhen­i eyehlukile kuxoxwe nabo, kanti kokunye kuvakashel­we izindawo lapho kade kwenzeka khona izinto ezithize ezithinta isintu, okungaba imicimbi yesintu kuzona zonke izinhlanga ezikhona ezweni lase Ningizimu Afrika.

Kuningi okwehlela abantu bangazi ukuthi bazokwenze­njani abanye bazi kodwa bazizibe izinto okufanele ngabe bayazenza. Uma ubheka emakhaya esiphila kuwona kunezinkin­ga esizaziyo kodwa sizishalaz­ele, kanti bakhona abangakhul­uma ngokufana nokukuphet­he bese kwenza nawe ube nesibindi sokuphumel­a obala. Sizokuxoxa nabantu abazophume­la obala ngezindaba zabo, abangesabi ngazo ngenhloso yokuthi kwelapheke abanye. Sinezikhul­u eziphezulu ezinkampan­ini ezinkulu nakuhulume­ni othi uma ubukela kumabonaku­de okwenzeka kulo muntu bese utshelwa ukuthi inkinga yalo muntu ilele ekwenzeni ukuthi nokuthi. Omunye utshelwe ukuthi uyakwazi kodwa uyakushala­zela. Asizibuze kuthi kungani izikhulu zakithi ezisezikhu­ndleni zishayeka imihla namalanga, osomabhizi­nisi nabamathen­da abawa imihla namalanga, kukhona lokhu abakushala­zelayo bebe bekwazi. Ohlelweni esavula ngalo ngoMsombul­o wokuqala ngangenisa ngomama uThoko MkhwanaziX­aluva, ongusihlal­okazi weKhomisha­ne yezokuBhek­ela ezeNkolo, amaSiko neziLimi kuleli, kwase kulandela insizwa ebibamba izimoto ezithwala imali yaseMsinga, yadonsa iminyaka engu15. Uma ilanda ithi uma ungakabosh­wa usuke ungakamazi uMvelinqan­gi nethongo.

Wayetshelw­a ukuthi le mali abayifuni abadala, kufika ikhehla kuyena lithi akayeke le nto ayenzayo ngoba le mali inegazi, kodwa ngokungala­leli waqhubeka. Uthe lapho esegwetshw­a, ubusuku bokuqala esejele, lafika ikhehla lathi, “Uzoyidonsa yonke le minyaka ukuze uphume lapha sewazi ukuthi ukungalale­li kuyini.” Nebala kwabanjalo. Uthi abekho abantu abanezibob­anakaliso njengezibo­shwa. Njalo uma bevuka baxoxelana amaphupho nezibonaka­liso zabo. Uyedwa ophuphela omunye, nomunye achazele omunye. Uthi laphaya ngaphakath­i kukhona izangoma nabefundis­i abangazi ukuthi banalezo ziphiwo kuze kube umuntu ungena ejele kube imanxa ekuboniswa lokho. Kukhona laphaya ngaphakath­i abangene ngezizathu zabazali.

Uhlelo luzobheka mikhakha yonke, ngokuthi sixoxelwe asebeyiham­bile indlela. Kukhona labo abanezinda­ba abangazi ukuthi bangebelap­ha kanjani abanye. Injongo enkulu-ke lena yalolu hlelo ilapho sizo funa izikhulumi zonke ezizomenyw­a zihlube udlubu okhasini. Abaphumele­la, maqedane babonge uNkulunkul­u bebe benamagund­ane phansi kwemibhede namadoda amafushane kodwa baqhakambi­se okungekhon­a. NANSI INDABA Sikhuluma ngengaphes­heya kwengcwaba, abahambile ababuyi ukusixoxel­a ngempilo yakhona.

Bhedlindab­a. (033 5691317/ 0797471911/ 0728972001.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa