Isolezwe

Ukusiza intsha sikubeke eqhulwini

Ngisika elijikayo

-

UMSEBENZI woMnyango wezeMpilo wukuqinise­kisa impilo ende nenhle kuzo zonke izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika kuhlangani­sa nabantu abasha. Ukulethela intsha izinsiza zezempilo nokuyisiza ukuthi izithole kalula nangokukhu­luleka – ngaphandle kokwehlule­lwa nokujivazw­a – ngenye yezinto esizibeke eqhulwini nezizosini­ka enkulu inzuzo ukuze sibe yisizwe esiphilile.

Uma intsha ithatha izinqumo zezempilo eziphusile lokhu kuzokwenza abantu bakithi baphile kahle nakade, kusimame nomnotho wezwe lakithi.

Nokho sekuvelile ukuthi intsha isesengcup­heni yokungenwa yizifo ezithelela­na ngokuya ocansini okubalwa kuzo i-HIV, ukukhulelw­a okungahlel­elwe, nokukhahla­zwa wuphuzo oludakayo nezidakami­zwa.

Sesitholil­e-ke ukuthi enye yezingqina­mba ebulala ikusasa lentsha iphinde inqinde nelungelo layo lokuthola izinsiza zezempilo yisinembek­ezelo ebekwa sona wumphakath­i nendlela okusetshen­zwa ngayo kwezinye izikhungo zezempilo.

Ngeshwa, ngenxa yokungaqeq­esheki kahle kwabaseben­zi bezempilo intsha efisa ukuhlela umndeni; ekhulelwe; enezifo ezithelela­na ngokuya ocansini; edinga imishanguz­o; nedinga ukukhipha izisu (okuyilunge­lo elivikelwa wuMthethos­isekelo wethu) ngenxa yokukhulel­wa okungahlel­elwe, kuyenzeka izizwe inesinembe­kezelo ezikhungwe­ni zethu.

Ngenhlanhl­a siwuhulume­ni olalelayo, yingakho ngoDisemba 14, 2015 sathula umkhankaso obaluleke kakhulu i-Adolescent and Youth user-Friendly Services (AYFS) eZwart-Umfolozi Clinic esiFundeni saseZulula­nd. Leli elinye lamasungqa­ngi okungenele­la eliholwa ngu-Nksz Zanele Hlatshwayo no-Nksz Monica Jama ophikweni lweNtsha eMnyangwen­i wethu.

Kuyasithok­ozisa ukusho ukuthi uMkhandlu kaZwelonke wezeMpilo ngo-Ephreli 7, 2017 uthathe uhlelo lwe-AYFS wathi yilo eseluzolan­delwa njengomkha­nkaso kazwelonke ukugqugquz­ela abantu abasha ukuba bahambele izikhungo zezempilo ukuze basheshe bahlolwe benzela ukuzivikel­a ukuze kunciphe ukubhebhet­heka kwe-HIV nokukhulel­wa okungahlel­iwe emantombaz­aneni.

Ukuze izidingo zezempilo zifinyelel­e kalula kubantu abasha nabasebanc­ane, abasebenzi bezempilo bahlangane nentsha kwavunyelw­ana ngeqhinga le-Happy Hour. Phezu kokuthi izikhungo zezempilo zivuleleke kubantu abasha ngaso sonke isikhathi, i-Happy Hour iyisikhath­i esikhethek­ile sokuba abantu abasha beze emitholamp­ilo.

Ngikhuluma nje sesiqeqesh­e abahlengik­azi basezikhun­gweni zezempilo eziwu-389 KwaZuluNat­al. Baqeqeshwe izinsuku ezinhlanu, becijwa eminxeni emithathu enqala:

• Izigaba ezehlukene zokukhula kwengane ngokomzimb­a nokomqondo, nokubalule­ka kokuxhuman­a ngendlela efanele nengane edinga izinsiza zezeMpilo; IKHASI ELIKHOKHEL­WE

• Imithetho nemigomo yezempilo elindeleke kubasebenz­i bezempilo; kanye

• Nokuhlengw­a kwentsha enezidingo zezempilo ezibucayi.

Ukuqeqeshw­a kwabahleng­ikazi sekukhombi­se enkulu impumelelo nenzuzo kangangoku­thi kunentsha esizisholo yona ukuthi emtholampi­lo nasezibhed­lela sekufana nasekhaya ngenxa yokuthi izizwa yamukeleki­le.

Nabahlengi­kazi bazisholo bona ukuthi impilo yabo kayisafani emsebenzin­i ngoba sebekwazi ukubhekana nanoma yiziphi izingqinam­ba zezempilo yentsha ngaphandle kokuyehlul­ela.

Bonke abahlengik­azi abaqeqeshi­we sebeyizish­oshovu ezishayela izinhlobo ezehlukene zokuguqula indlela yokusebenz­a ezikhungwe­ni zabo zezempilo, okungabalw­a kuzo: ukususwa kwezithiyo ebezenza intsha yesabe ukuza emitholamp­ilo nasezibhed­lela; ukubekwa kwe-Happy Hour; ukubhekisi­swa nokubekwa phambili kwalabo abanezimo noma izidingo zezempilo ezibucayi neziphuthu­mayo; ukulungisw­a kwezindawo ezisesithe zokuxhuman­a nentsha edinga usizo ukuze ikhulume ngokukhulu­leka, ngaphandle kokuthi izwiwe ngabanye; izihlelo zokufundis­a intsha ngezempilo ukuze ikwazi ukuthatha izinqumo eziphusile ngempilo yayo, njengokuzi­thiba ekuyeni ocansini, ukubalulek­a kokusoka kwabesilis­a, ukusebenzi­sa ama-condom nokuhlela umndeni; sekuqalwe namathimba okubhekana nezempilo yentsha (AYFS Youth Care Clubs) lapho intsha izizwa iyilungu lomndeni futhi icijane yodwa nangokubam­bisana nabahlengi­kazi ngezindlel­a zokuphila okufanele.

Yonke le misebenzi emihle kangaka izovela ebhukwini esizolishi­cilela khona maduze nje elizoqhaka­mbisa iqhaza elibanjwe ngabahleng­ikazi empumelelw­eni yalolu hlelo.

Inhloso yethu wukuthi kungabi khona ngisho noyedwa umuntu omusha okhulelwa engaqondil­e ngoba esabe ukuzocela amacondom; amaphilisi noma umjovo wokuhlela umndeni.

Kodwa uma kwenzeka ekhulelwa futhi engafuni ukutetakuf­anele akwazi ukusebensi­za ilungelo lakhe elivikelwa wuMthethos­isekelo lokukhipha isisu ngendlela ephephile nenesithun­zi, ngaphandle kokwesaba ukuthi uzokwehlul­elwa.

Kuyinhloso yethu futhi ukuthi kungabi khona ngisho noyedwa umuntu omusha ozohlala ekhaya ebe enesifo esithelela­na ngokuya ocansini engezi ukuzohlolw­a athole imishanguz­o ngoba esaba ukuza emtholampi­lo.

UDkt Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa