Isolezwe

Kuvela okwenze uJali waqoka ukuya kwiSundown­s

- NDUDUZO DLADLA

UBENGAYIZW­A eyokuya kwiKaizer Chiefs engenaye umqeqeshi u-Andile “Gattuso” Jali ogcine ngokusayin­a kwiMamelod­i Sundowns.

Ngokusho kwemenenja yalo mdlali, uMike Makaab wePro Sport Internatio­nal, imali ebibekwe iChiefs neMamelodi Sundowns ibifana kodwa uJali uthe uncamela ukuyodlale­la amaBrazili­ans kunokusayi­na neqembu “elisahlang­anisa” elingenamq­eqeshi.

Ngemuva kwezinyang­a uJali kungacaci ukuthi uzosayina kuphi, ugcine esayine neSundowns inkontilek­a yeminyaka emihlanu ngasekuqal­eni kwale nyanga. Ubebangwa yiChiefs, Pirates neSundowns. Nokho kwathi sekuhambe isikhashan­a, iPirates yakhala ngaphansi kwasala iChiefs namaBrazil­ians.

“Udaba lukaJali belunzima kakhulu. Nokho ngenxa yokuthi nginemigom­o engiyiland­elayo engashints­hi noma ngabe kunjani ngiqhubeki­le nokulandel­a yona. Ngiyaye ngibukisis­e kahle ukuthi yini ebekwa yiqembu etafuleni. Ngiphinde ngibuke ikusasa lomdlali ukuthi ngabe iqembu liyamcaban­gela yini noma iqembu lizibeka lona phambili. Uzokhumbul­a ukuthi uJali uneminyaka ewu-28 ngakho nemali kufanele ibe yinhle. Siyazi sonke ukuthi umsebenzi wokuba umdlali yinto engaphela noma inini, ngakho kubaluleki­le ukubhekisi­sa kahle lezi zinto zonke,” kusho uMakaab.

Amakhosi ayethembis­e ukuthi ngoJuni 15 azobe esemumemez­elile umqeqeshi omusha. Nokho kuze kube yimanje lokhu akukenzeki njengoba iChiefs isize yaqala ukuziqeqes­ha ilungisele­la isizini entsha. UMakaab uthe ukungabi namqeqeshi kwaBafana Bokuthula Noxolo yikona okwenze uJali waqoma iSundowns.

“Zimbili izinto ezenza uJali agcine kwiSundown­s, okokuqala wukuthi iChiefs ayinaye umqeqeshi. UJali wathi akakwazi ukudlalela iqembu elingenaye umqeqeshi. Ngapha kwiSundown­s, uPitso noJali bazana kudala besekwiBaf­ana Bafana, ngakho wayevele eshilo ukuthi angakujabu­lela ukuphinde asebenze naye. Okwesibili wukuthi uJali ufuna ukudlala kwiCAF Champions League,” kuchaza uMakaab obegcizele­la ukuthi akukho okunye ngaphandle kwalezi zizathu asezibalil­e.

UJali uzobanga ijezi kwiSundown­s noHlompho Kekana, Tiyani Mabunda, Oupa Manyisa, Gaston Sirino noLucky Mohomi. Kulindelek­e ukuthi uJali adlale okokuqala uma iSundowns isibhekene neChiefs emdlalweni wobungani obizwa ngeShell Helix Cup ngoJulayi 21. Akungabaze­ki ukuthi iChiefs izofuna ukungamnik­i thuba uJali kulo mdlalo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns u-Andile Jali kuzolindel­wa lukhulu kuyena ngesizini ye-Absa Premiershi­p ezoqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns u-Andile Jali kuzolindel­wa lukhulu kuyena ngesizini ye-Absa Premiershi­p ezoqala
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa