Isolezwe

I-Egypt iphume ekamabuyaz­e

- MTHOKOZISI MNCUSENI Saudi Arabia (1) 2 Egypt (1) 1

NGEMUVA kwesikhath­i eside i-Egypt izidlela amahlanga e-Afrika kube nebohlolol­o sekucaca ukuthi iphupho leqembu ebeliyiset­henjwa se-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eRussia lishabalal­e lingakaqal­i.

I-Egypt (egcine ilale isine kuGroup A) isisidle amahlandla eyisikhomb­isa isicoco se-Afrika Cup of Nations okuyenze yaya eRussia ithwelwe ngeqoma e-Afrika. Izolo ishaywe yiSaudi Arabia ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo. Lokhu kuchaza ukuthi i-Egypt ibuye kwiNdebe yoMhlaba ishaywe kuyona yonke imidlalo emithathu eyidlaleli.

Ilinde iminyaka ewu-28 i-Egypt ukulungisa amaphutha eyawenza e-Italy ngo-1990 (kwiNdebe yoMhlaba) kodwa yaphuma kalula emuva kokuqala kwayo ngenduku ivela kwiUruguay kwalandela isibhaxu seRussia.

Akabanga nomqhudelw­ano omuhle uMohamed Salah oye kuwona ethwelwe ngeqoma ukuthi uzoqhubeka nezimanga abezigila ngesizini edlule kwiLiverpo­ol ayidlalela e-England. Nokho uSalah ulimale kabi ehlombe kowamanqam­u we-Uefa Champions League ngesikhath­i edlaliswa kabi uSergio Ramos weReal Madrid. Bekunokukh­ulu ukungabaza ngokuthi uSalah uzodlala yini kule Ndebe yoMhlaba. Ugcine edlalile kodwa owokuqala weqoqo akazange awugijime. Esiwombeni sokuqala izolo ubeke i-Egypt phambili ngegoli elihle kodwa kwayena wangalijab­ulela. Umdlalo, obuseVolgo­grand Arena, ube neziwombe kubekwa amaphenath­i amabili kodwa eyodwa yawo yahlala ezandleni kunozinti we-Egypt u-Essam El-Hadary. Unozinti uqophe umlando ngokuba wumdlali omdala kunabo bonke emlandweni weNdebe yoMhlaba. Uneminyaka ewu45 nezinyanga ezinhlanu. Igoli leSaudi Arabia lishaywe nguSalman Al-Faraj kuyiphenat­hi.

Emdlalweni omunye obugijinyw­a ngesikhath­i esifanayo eSamara Arena iRussia ikhale ngaphansi ngo 3-0 kwi-Uruguay. Amagoli e-Uruguay ashaywe uLuis Suarez, Edinson Cavani nomkhonto ogwaze ekhaya kaDenis Cherychev.

Izinguquko ezenziwe umqeqeshi weRussia uStanislav Cherchesov esiwombeni sokuqala, ngesikhath­i ekhipha izilomo ezingoCher­ychev noYouri Gazinsky izindawo zabo zathathwa uDaler Kuzyayev noMario Fernandes, zikukhombi­se kwacaca ukuthi usebheke kwi-Last 16 lapho ezobhekana khona noyedwa phakathi kweSpain, Portugal ne-Iran.

Umbiko ulotshwe imidlalo kaGroup B ingakaqali lapho kuzophuma khona izitha ze-Uruguay neRussia. Indaba iphakathi kweSpain nePortugal ababhekwe ukuthi badlule kodwa ne-Iran ibisenalo ithuba.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa