Isolezwe

Sekubanjwe umoya ngeSenegal kweyoMhlab­a

- LUNGILE MAJOKA

KUNGENZEKA ukuthi iSenegal izigwaze ngowayo ngokudedel­a amaphuzu amathathu ngesikhath­i igcina ibambane ngo 2-2 neJapan emdlalweni wayo wesibili kuGroup H ngempelaso­nto.

ISenegal, eyiqale kahle iNdebe yoMhlaba ebanjelwe eRussia ishaya iPoland ngesonto eledlule, ihambe phambili kwaze kwayikabil­i kulo mdlalo obuse-Ekaterinbu­rg, eRussia kodwa kuzona zombili izikhawu yavumela izitha zabuya. Lo mphumela awuzange uyisize njengoba iColombia eyashaywa iJapan emdlalweni wokuqala ivuke yazithatha, iqumba phansi iPoland ngo 3-0. Lokhu sekuphoqa iTeranga Lions ukuthi nakanjani ithole amaphuzu uma isibhekene neColombia emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesine ngo-4 ntambama.

ITeranga Lions inamaphuzu amane kuGroup H. Phezulu kuqhwakele iJapan ngamaphuzu alinganayo kuthi endaweni yesithathu kuhlale iColombia ngamathath­u.

Leli qembu eliyithemb­a le-Afrika lokudlulel­a kwi-Last 16, ukudlala ngokulinga­na emdlalweni wokugcina kungaliwez­a.

ISenegal yayigcine ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ngo2002 lapho yafinyelel­a kumaquarte­rfinal. Uma ingalungis­a amaphutha emuva njengoba kubonakele emdlalweni weJapan, bese iqhubeka nokuvalela amagoli, ingazithol­a isethubeni lokuqhubek­a nomgqigqo ongcono kulo mqhudelwan­o kunamanye amazwe ase-Afrika.

Emazweni amahlanu abemele leli lizwekazi, iSenegal neNigeria yiwona amazwe asethubeni lokungena esigabeni somkhumula­jezi.

INigeria ihlule i-Iceland ngempelaso­nto okuyinikez­e amaphuzu amathathu. Sekumele ishaye

i-Argentina noma badlale ngokulinga­na namuhla eSaint Petersburg ngo-8 ebusuku. ISuper Eagles uma ibamba i-Argentina kuzobe sekuphelil­e ngaleli qembu elibophele isilomo somhlaba, uLionel Messi, njengoba lisaqoqe iphuzu elilodwa emidlalwen­i emibili. INigeria izobe isimincela ukuthi i-Iceland ingawini kwiCroatia.

I-Egypt, iMorocco neTunisia bashaywe kuyona yomibili imidlalo yamaqoqo okusho ukuthi kuleli sonto sebedlalel­a ukugcina icala bese bebona abafika ngayo. Imidlalo yanamuhla: Ngo-4pm: Denmark v France; Australia v Peru

Ngo-8pm: Iceland v Croatia; Nigeria v Argentina

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa