I-Egypt iphume ekamabuyaze
NGEMUVA kwesikhathi eside i-Egypt izidlela amahlanga e-Afrika kube nebohlololo sekucaca ukuthi iphupho leqembu ebeliyisethenjwa se-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eRussia lishabalale lingakaqali.
I-Egypt (egcine ilale isine kuGroup A) isisidle amahlandla eyisikhombisa isicoco se-Afrika Cup of Nations okuyenze yaya eRussia ithwelwe ngeqoma e-Afrika. Izolo ishaywe yiSaudi Arabia ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo. Lokhu kuchaza ukuthi i-Egypt ibuye kwiNdebe yoMhlaba ishaywe kuyona yonke imidlalo emithathu eyidlaleli.
Ilinde iminyaka ewu28 i-Egypt ukulungisa amaphutha eyawenza e-Italy ngo-1990 (kwiNdebe yoMhlaba) kodwa yaphuma kalula emuva kokuqala kwayo ngenduku ivela kwiUruguay kwalandela isibhaxu seRussia.
Akabanga nomqhudelwano omuhle uMohamed Salah oye kuwona ethwelwe ngeqoma ukuthi uzoqhubeka nezimanga abezigila ngesizini edlule kwiLiverpool ayidlalela e-England. Nokho uSalah ulimale kabi ehlombe kowamanqamu we-Uefa Champions League ngesikhathi edlaliswa kabi uSergio Ramos weReal Madrid. Bekunokukhulu ukungabaza ngokuthi uSalah uzodlala yini kule Ndebe yoMhlaba. Ugcine edlalile kodwa owokuqala weqoqo akazange awugijime. Esiwombeni sokuqala izolo ubeke i-Egypt phambili ngegoli elihle kodwa kwayena wangalijabulela. Umdlalo, obuseVolgogrand Arena, ube neziwombe kubekwa amaphenathi amabili kodwa eyodwa yawo yahlala ezandleni kunozinti we-Egypt u-Essam El-Hadary. Unozinti uqophe umlando ngokuba wumdlali omdala kunabo bonke emlandweni weNdebe yoMhlaba. Uneminyaka ewu-45 nezinyanga ezinhlanu. Igoli leSaudi Arabia lishaywe nguSalman Al-Faraj kuyiphenathi.
Emdlalweni omunye obugijinywa ngesikhathi esifanayo eSamara Arena iRussia ikhale ngaphansi ngo 3-0 kwi-Uruguay. Amagoli e-Uruguay ashaywe uLuis Suarez, Edinson Cavani nomkhonto ogwaze ekhaya kaDenis Cherychev.
Izinguquko ezenziwe umqeqeshi weRussia uStanislav Cherchesov esiwombeni sokuqala, ngesikhathi ekhipha izilomo ezingoCherychev noYouri Gazinsky izindawo zabo zathathwa uDaler Kuzyayev noMario Fernandes, zikukhombise kwacaca ukuthi usebheke kwi-Last 16 lapho ezobhekana khona noyedwa phakathi kweSpain, Portugal ne-Iran.
Umbiko ulotshwe imidlalo kaGroup B ingakaqali lapho kuzophuma khona izitha ze-Uruguay neRussia. Indaba iphakathi kweSpain nePortugal ababhekwe ukuthi badlule kodwa ne-Iran ibisenalo ithuba.