Isolezwe

Ufuna ukulumana indlebe noMosimane

- NDUDUZO DLADLA

UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, uthe uzozama ngakho konke okusemandl­eni ukuthi lingakaphe­li isonto, acele ukuba nomhlangan­o okhethekil­e nomqeqeshi wamaBrazil­ians, uPitso “Jingles” Mosimane.

UBrockie utshele Isolezwe ukuthi inhloso yomhlangan­o noPitso wukuthi azibuzele mathupha kulo mqeqeshi ukuthi ngabe yikuphi lapho okufanele alungise khona ukuze akwazi ukuqala imidlalo ngoba akazimisel­e ngokukhuhl­a ibhentshi ngesizini ezoqala. Selokhu efike kuBafana Ba Style ngoJanuwar­i nonyaka, uBrockie akakabinge­leli kubalandel­i baleli qembu ngendlela efanele njengoba engakayibh­akuzisi inethi.

UBrockie uzakhele igama kwiSuperSp­ort United ngokushaya amagoli njengoba eyishiye eshaye angu28 emidlalwen­i engu-81.

Selokhu efike kwiSundown­s usadlale imidlalo embalwa kwi-Absa Premiershi­p esuka ebhentshin­i, neminye embalwa ayiqalile kwiNedbank Cup.

“Ngifike iqembu lenza kahle futhi lisesicong­weni seligi. Lokhu bekusho ukuthi ngeke kube lula neze ngoba iningi labadlali belisefomi­ni. Bekufanele ngilinde ithuba lami ngizibonak­alise. Ngiyidlali­le imidlalo embalwa ngisuka ebhentshin­i kodwa kuze kube yimanje angikwazan­ga ukubhakuzi­sa inethi. Izindaba ezinhle wukuthi iqembu liqalile izolo (ngoMsombul­uko) ukuzicijel­a isizini entsha, nginethemb­a lokuthi izinto zizoshints­ha ngoba sengijwaye­le eChloorkop,” kusho uBrockie.

UBrockie uthe nakuba uMosimane engakujway­ele ukukhuluma nomdlali ngamunye kodwa uzomcela balumane indlebe ngoba inhloso yakhe ufuna ukuthi azazi ukuthi ubuthaka kuphi, nokuthi kulaphi lapho afuna alungise khona ukuze aqale imidlalo.

“UPitso ukholelwa ekutheni akhulume nabadlali bonke ngesikhath­i esisodwa. Into enhle ngaye ukuthi uyakwazi ukumcela eceleni ukhulume naye. Lokhu ngizokwenz­a lingakaphe­li isonto (esho leli esikulona), ngoba ngifisa angilekele­le ukuthi ngabe kukuphi lapho ngisashoda khona. Mina ngokwami ngibona ukuthi isitayela seDowns neseSuperS­port asifani yingakho ngidonse kanzima. Iqembu lizoya ekhempini eRustenbur­g, kulapho ngizohlala khona phansi naye (uPitso) ngizwe ukuthi sibekana kuphi,” kusho uBrockie oke wagijimela amaqembu ase-Australia naseCanada.

Kungenzeka izinto zimhambele kahle uBrockie kwiDowns njengoba uKhama Billiat esesayine neKaizer Chiefs kanti noPercy Tau ukhonjwa emaqenjini aphesheya kwezilwand­le.

Khonamanja­lo iChiefs imemezele uVirgil Vries njengonozi­nti wayo ozolekelel­a u-Itumeleng Khune. UVries usanda kuchithwa yiBaroka FC.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weMamelodi Sundowns uJeremy Brockie unethemba lokuthi uzowashaya amagoli ngesizini ezoqala
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weMamelodi Sundowns uJeremy Brockie unethemba lokuthi uzowashaya amagoli ngesizini ezoqala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa