Isolezwe

UBoity akumxaki neze ukuncelisa amawele

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMETHULI wezinhlelo zethelevis­hini, uBoity Thulo, uthe ubungoma yikho okuhamba phambili empilweni yakhe kunokuba usaziwayo.

UBoity ubekhuluma ohlelweni lukaDJ Fresh, iFresh Breakfast kwiMetro FM, izolo, ekuseni.

Uthe uyakwazi ukuncelisa amawele.

“Abantu ababili abahlukene (uBoity noGogo Boitumelo) futhi ngiyakwazi ukukwenza kobubili. Ukube bengingada­lelwe ukukwenza kokubili (ukuba usaziwayo nokuba yisangoma) nginesiqin­iseko sokuthi abaphansi babengakus­usa okunye ukuze ngizokwazi ukugxila kokunye.

Ngicabanga ukuthi ngithole indlela ekahle yokubhalan­sisa futhi nginyathel­a ngesizotha kulolu hambo lwami lobizo. Angiwathat­hi amashansi uma bethi angikwazi ukwenza lokhu noma akumele ngenze lokho, angibuzi futhi angeke ngilokhu ngizama ukulwela uBoity ukuze ugogo Boitumelo abe seceleni,” kusho yena.

Uqhube wathi uGogo Boitumelo useqhulwin­i lwakho konke futhi uzohlale ehamba phambili, uBoity alandele ngemuva.

Uthe ubungoma akabenzela­nga ukugqamisa igama lakhe kodwa wakwenza ngoba ehlonipha usiko.

Uthe ukubheke ngabomvu ukuhlala asize abantu ngoba ayikho into emjabulisa njengaleyo.

“Kuyangijab­ulisa. Ngisho noma ngabe ngikwenza noma kade ngixhumana nabantu kuyangijab­ulisa. Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela engibona ngayo ukuthi ngifanelwe ukuba wumuntu engiwuye manje futhi ngifanelwe wukuba kulolu hambo ngoba kuyangijab­ulisa.”

Uveze ukuthi ngesikhath­i efuna ukuyothwas­a wabhekana nomqansa wokuthi kukhona abantu abathatha ushansi.

Kwakunzima ukubethemb­a ngoba engazi ukuthi bafuna ukumlekele­la ngokweqini­so noma bafuna ukusondela­na naye ngoba enguBoity.

UBoity waphumela obala ngo2016 ukuthi uyathwasa ngemuva kokuthi kade abantu bebuzana ngalokhu ngenxa yokugqoka izimpahla zezangoma ohlelweni ayelwethul­a iClub 808 ku-e.tv.

 ?? Isithombe: ANA ?? UBOITY Thulo uthe uyakwazi ukuncelisa amawele phakathi kokuba yisangoma nokuba wusaziwayo
Isithombe: ANA UBOITY Thulo uthe uyakwazi ukuncelisa amawele phakathi kokuba yisangoma nokuba wusaziwayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa