UBoity akumxaki neze ukuncelisa amawele
UMETHULI wezinhlelo zethelevishini, uBoity Thulo, uthe ubungoma yikho okuhamba phambili empilweni yakhe kunokuba usaziwayo.
UBoity ubekhuluma ohlelweni lukaDJ Fresh, iFresh Breakfast kwiMetro FM, izolo, ekuseni.
Uthe uyakwazi ukuncelisa amawele.
“Abantu ababili abahlukene (uBoity noGogo Boitumelo) futhi ngiyakwazi ukukwenza kobubili. Ukube bengingadalelwe ukukwenza kokubili (ukuba usaziwayo nokuba yisangoma) nginesiqiniseko sokuthi abaphansi babengakususa okunye ukuze ngizokwazi ukugxila kokunye.
Ngicabanga ukuthi ngithole indlela ekahle yokubhalansisa futhi nginyathela ngesizotha kulolu hambo lwami lobizo. Angiwathathi amashansi uma bethi angikwazi ukwenza lokhu noma akumele ngenze lokho, angibuzi futhi angeke ngilokhu ngizama ukulwela uBoity ukuze ugogo Boitumelo abe seceleni,” kusho yena.
Uqhube wathi uGogo Boitumelo useqhulwini lwakho konke futhi uzohlale ehamba phambili, uBoity alandele ngemuva.
Uthe ubungoma akabenzelanga ukugqamisa igama lakhe kodwa wakwenza ngoba ehlonipha usiko.
Uthe ukubheke ngabomvu ukuhlala asize abantu ngoba ayikho into emjabulisa njengaleyo.
“Kuyangijabulisa. Ngisho noma ngabe ngikwenza noma kade ngixhumana nabantu kuyangijabulisa. Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela engibona ngayo ukuthi ngifanelwe ukuba wumuntu engiwuye manje futhi ngifanelwe wukuba kulolu hambo ngoba kuyangijabulisa.”
Uveze ukuthi ngesikhathi efuna ukuyothwasa wabhekana nomqansa wokuthi kukhona abantu abathatha ushansi.
Kwakunzima ukubethemba ngoba engazi ukuthi bafuna ukumlekelela ngokweqiniso noma bafuna ukusondelana naye ngoba enguBoity.
UBoity waphumela obala ngo2016 ukuthi uyathwasa ngemuva kokuthi kade abantu bebuzana ngalokhu ngenxa yokugqoka izimpahla zezangoma ohlelweni ayelwethula iClub 808 ku-e.tv.