Isolezwe

Indodana ixabane nonina yazilengis­a ethempelin­i

- THEMBA NTSHINGILA

INGXABANO ebe phakathi kukanina nendodana ngempelaso­nto ngenxa yephathi ebeyisenda­weni, iyona okusolwa ukuthi iholele ekuzilengi­seni kwendodana ethempelin­i lamaNazare­tha aseBuhleni, Impumelelo, eliseMpume­lelo eFrance, eMgungundl­ovu, nokuyilaph­o umufi ebekhonza khona nomndeni.

Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo ongaphakat­hi kuleli bandla ocele ukungadalu­lwa, uNduduzo Shezi (19) obefunda uGrade 10 eMzuzo High School kule ndawo, uqale wahilizisa­na nonina ngoba efuna ukuya ephathini ngenkani ebusuku.

“Emva kokuhiliza­na nonina, wagcina evumile (unina) ukuthi akaye ephathini nakuba kungokokuq­ala ukuthi aye ephathini,” kusho umthombo.

Ngokomthom­bo, uNduduzo wabuya ngo-11 ebusuku ngempelaso­nto baphinde bathusana nonina ngoba ebuze ukuthi kungani ebuya sekuhambe isikhathi ngalolu hlobo.

“Umfana wathi kunina akamshaye okungcono uma kungukuthi wenze into engafanele kunokuthi amthethise,” kubeka umthombo.

Kubikwa ukuthi entathakus­a ngo-1 ngalolo suku, uNduduzo waphuma kubo, unina wazitshela ukuthi hleze usaphuthum­a kubangani bakhe abekade ehambe nabo ukuya ephathini.

Umthombo uthi emva kwesikhath­i esithile uNduduzo ehambile, abazali bakhe bathola imilayezo kumaselula abo evela kwindodana ivalelisa futhi ixolisa ngesenzo ehlose ukusenza (sokuzibula­la) nakuba ingazange ichaze ukuthi ifuna ukwenzani.

Ngakusasa sekubonaka­la ukuthi indodana ayibuyi, umthombo uthi abazali bayo namalungu ebandla aphuma umkhankaso eyifuna.

“Kodwa kuye kwasishaqi­sa ukuthi agcine etholakele ethempelin­i, kubonakala intambo emqaleni eduzane nalapho eshonele khona,” kusho umthombo.

Uthe okuphinde kube yindida, akucaci kahle-hle ukuthi noma lona wesilisa uzilengise­le esihlahlen­i esisethemp­elini, noma kukhona abambulele base bemthatha bezombeka

esihlahlen­i esisethemp­elini bemfake intambo emqaleni.

“Okuye kwasidida ukuthi ubenemihuz­uko ebusweni, manje sixakwa wukuthi ubelimale kanjani ebusweni ebe ezilengisi­le,” ubuze kanje umthombo.

Okhulumela ibandla laseBuhlen­i, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ubengakezw­a ngalesi sigameko, nakuba enolwazi ngethempel­i elikule ndawo.

“Siyazwelan­a kakhulu nomndeni ngokwenzek­ile,” kuchaza uMncwabe. Uthe njengeband­la banenhlang­ano yentsha ebizwa ngokuthi INABACHU, lapho beyiyala khona ngezindlel­a zokuziphat­ha emakhaya nasebandle­ni.

Uthe ukuya emaphathin­i ngezinye zezinto abangazikh­uthazi njengeband­la ngoba akuthandaz­wa khona, kungenzeka uhlangabez­ane nezinkinga.

“Siphinde futhi sibe nenkonzo ka-23, 25 neka-14 lapho siyala khona bonke abesilisa nabesifaza­ne ngendlela yokuziphat­ha,” kugcizelel­a uMncwabe.

Uthe njengoba sekwenzeke lesi sigameko nje, sekuzomele umndeni uligeze ngembuzi ithempeli.

“Okuzokwenz­eka manje ukuthi sibikele inkosi, bese umndeni uthenga imbuzi okuzohlanz­wa ngayo ithempeli. Umshumayel­i okhona kuleli thempeli uyena okuzomele engamele lowo msebenzi,” kuchaza uMncwabe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe bebengakez­wa ngalolu daba.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ungatholak­alanga umndeni kamufi ukuthi uphawule ngalolu daba. Kubikwe ukuthi umatasa njengoba ulungisele­la umngcwabo wakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa