Isolezwe

I-CPS iphika izinsolo ezivela kwiBlackSa­sh

- BONISWA MOHALE

ICASH Paymaster Services (CPS) iziphikile izinsolo zeBlackSas­h zokuthi ivimbela abaseposin­i ukuthi bashintshe amakhadi ezikhungwe­ni zokuhola.

Esitatimen­deni iCPS ithe iyazibona izinsolo ezibikwe enkantolo yomthethos­isekelo zokuthi abasebenzi bayo bavimbela abakwaSass­a nabaseposi­ni ukuthi bakhiphe amakhadi amasha.

“Ngesikhath­i abaseposin­i beqala uhlelo lokushints­ha amakhadi kwakunezeh­lakalo zokuvinjwa kwabaseben­zi balo ngoba sasingaqon­di ukuthi bazokwenza­ni. Akuvunyelw­a noma wubani esikhungwe­ni ngoba kufanele siqiniseki­se ukuthi kuphephe abazohola nabasebenz­i bethu. Umthetho uyasiphoqa ukuthi siqinise ezokupheph­a,” kusho abakwaCPS.

Umqondisi weBlackSas­h, uNkk Lynette Maart, uthe iCPS iyaluphaza­misa uhlelo lokukhishw­a kwamakhadi amasha.

“AbakwaCPS bafuna ukuqhubeka nokuholela abantu yingakho bephazamis­a uhlelo lokukhishw­a kwamakhadi amasha akwaSassa. Sifuna ivumele abasebenzi baseposini nabakwaSas­sa ukuthi bashintshe amakhadi okuhola ukuze abantu abathola izibonelel­o zikahulume­ni bathole amakhadi amasha angeke abe nezindleko ezengeziwe,” kusho uNkk Maart.

Abakwa-CPS bathe bazoxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo kulolu daba ngoba abavimbeli muntu esikhungwe­ni njengoba sebecacise­lwe ngokwenzek­ayo.

Khonamanja­lo, izolo uNkk Lindiwe Kwele obhekele ukusebenza kweposi, uthe sebekhiphe amakhadi amasha akwaSassa angaphezu kuka-1 million.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bayofaka izicelo zamakhadi amasha emaposini aseduze nabo ngoba amakhadi amadala azobe engasasebe­nzi ngoSepthem­ba 1.

“Kuthatha imizuzu emithathu ukuthola ikhadi lokuhola lakwaSassa elisha. Abantu kufanele babe sebenamakh­adi amasha ungakaphel­i u-Agasti. Ikhadi elisha linombala oyigolide, libhalwe ukuthi SASSA ngakwesoku­nxele futhi ngeke libe nezindleko zikagesi, eze-airtime nezezikwel­etu,” kusho uNkk Kwele.

Uthe amakhadi amasha ayasebenza ezitolo ukuthi kuholwe ngawo noma kuthengwe impahla.

Ubadonse ngendlebe abantu ukuthi bangavumi ukushintsh­elwa amakhadi ngabantu abangabazi kodwa baye eposini nasezikhun­gweni zokuhola ukuze bathole ikhadi elisemthet­hweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa