Isolezwe

Imenenja iphoxwe amathoyile­thi omgodi

- MLUNGISI GUMEDE

Ewu asazi ubani esiyomethe­mba thina sikhathele manje. Kusukela ngo-1994, baphuma bayangena, akekho owenza kahle, kunalokho bafika bazicebise bese begoloza ukuphuma ezikhundle­ni.

Sekufike la nami ngithi khumu, ngikhathel­e ukunikela ngevoti lami ngitshelwa kuthi libaluleke kangakanan­i.

IMENENJA yoMkhandlu weTheku, uMnuz Sipho Nzuza, ithi iphoxekile ukuthola ukuthi eThekwini kusakhona abantu abasebenzi­sa amathoyile­thi omgodi.

Ekhuluma emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu izolo, uNzuza uthe udumele ngesikhath­i ebona izimo abanye abantu abasahlala ngaphansi kwazo kwaBester.

“Ngihambele kwaBester ngiyohlola isimo ngemuva kokuthi silunywe indlebe ngalesi simo ngifike ngazibonel­a eminye imizi igcwele indle, abanye abantu balala nayo ezindlini zabo,” kusho uNzuza.

Uthe ubengacaba­ngi ukuthi eThekwini kusakhona abantu abasebenzi­sa amathoyile­thi angashaywa.

“Kumele kube khona into esiyenzayo ngokushesh­a siwumkhand­lu, akukwazi ukuthi edolobheni Kuyoba nzima ukuphumele­la. Selokhu uqalile ukubathuma uhluleka ukubathuma kule zindawo ezinemibhi­kisho.

Noma bangadliwa babuye kimi akuthi diki ngenxa yesenzo abasenza sona behlangene neFifa. imnandi le World Cup. Cha yona elinjengeT­heku ukuthi kube khona abantu abasaseben­zisa amathoyile­thi emigodi,” kusho uNzuza.

Izolo kwethulwe isicelo sokuba kugunyazwe ukuthi umkhandlu ukhiphe uR39 million ukuze kuqhutshwe umsebenzi wokuqoqa indle egcwele kulama thoyilethi emigodi.

Kuthiwa iningi lalama thoyilethi esemizini yemixhaso lena emincane enekamelo elilodwa ebizwa ngovezunya­wo.

Ngesabelom­ali sika-2016/17, umkhandlu weTheku wakhipha ithenda yeminyaka emithathu yokuba kuqoqwe indle emathoyile­thi angu-21 000. Lesi sibalo salama thoyilethi ileso umkhandlu weTheku onaso kodwa esewonke lama thoyilethi kuthiwa angaphezu kuka-48000.

Ngemuva kwesikhalo samakhanse­la nomphakath­i mayelana namathoyil­ethi agcwele angasasebe­nziseki , uNzuza ehamba nezinye Imuva layo alilihle neze liyavuza. Ayibuye izolungisa emuva.

Manje ke ekushiseni ibhasi bazuzeni ngempela ngoba kuyafana izindlu abakabi nazo. Usungaze ukhalele umjondolo nje, ikhaya liphi ngoba abanye babaleka emakhaya aphilayo ngoba befuna ukuziphath­a. izikhulu zomkhandlu bahambile bayowahlol­a lama thoyilethi bathola ukuthi awekho esimeni esihle.”Ngesikhath­i sihambele kwaBester siyohlola lama thoyilethi sitholile ukuthi abantu bahleli ngaphansi kwezimo ezingamuke­lekile, khona lapho kukhona nezingane ezincane kweminye imizi,” kusho uNzuza.

Uthe ngokubona isimo abantu abaphila ngaphansi kwaso umkhandlu usengcuphe­ni yokuthi uboshwe ngumphakat­hi.

IMeya yoMkhandlu uNkk Zandile Gumede ithe lesi simo kumele sisukunyel­we ngokusheha ngoba sibeka engcupheni yokuthi umphakathi ugule uphathwe izifo ezahlukene.

“Ngiyathemb­a ukuthi lesi simo sizolungis­wa khona maduze ukuze abantu bakwazi ukuhlala kahle,” kusho uNkk Gumede.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa