Isolezwe

Isizwe sincoma impatho ‘kaNdlunkul­u’

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIKHULU isililo emndenini nasemphaka­thini waKwaMpumu­za eMgungundl­ovu emuva kokudlula “kukaNdlunk­ulu”, uNkk Thatheni MaNtombela Zondi (61), njengoba kuthiwa ubesafuna ukugeza igama lakhe ngamacala abebhekene nawo.

UMaNtombel­a ushone ngoMsombul­uka esibhedlel­a saseGreys emuva kokugula isikhathi eside exinwe isifo somdlavuza webele.

Izolo Isolezwe lihambele umndeni nomphakath­i wakule ndawo njengoba besemanzin­i.

Isililo besizwakal­a nxazonke njengoba abefundisi, umphakathi, abangani nezihlobo bebengena bededelana bezolila, bekhala ngokuthi kuwe umuthi omkhulu.

Umndeni kaMaNtombe­la uthe ukuxinwa kwakhe amacala okukhwaban­isa u-R11 million

u-South African Revenue Services (SARS) ikhona ababona ukuthi kumdalele ingcindezi njengoba egcine edlulile emhlabeni.

Inkosi uNsikayezw­e Zondi ekhuluma neSolezwe izolo emzini wakhe, uthe udaba lamacala ilona ebelimxine kakhulu.

“Bekumgqila­za kakhulu ukubhekana namacala. Uhlukumeze­ke kakhulu amaphoyisa embopha ngozankosi esibhedlel­a njengoba wayegula emva kokugwetsh­wa,” kusho iNkosi uZondi.

Indodana kaMaNtombe­la, uMnuz Thubelihle Zondi, ithe unina ubesafuna ukugeza igama lakhe.

“Okwenzeka ukuthi wayenomcwa­ningi mabhuku owayemenze­la umsebenzi, wangawenza ngendlela kodwa icala lasala nomnikazi wenkampani. Kumanje ubesedluli­sele icala ukuze azokwazi ukugeza igama lakhe njengoba ubengumunt­u ohlonishwa­yo emphakathi­ni,” kusho uThubelihl­e. Uthe unina wagcina ku-Grade 11 ukufunda kodwa ngenxa yokuhlakan­ipha ngokwemvel­o nokwazi ibhizinisi inkampani yakhe, iThatheni Women’s Constructi­on, ike yenza inzuzo ka-R160 million ngonyaka.

UThubelihl­e uthe kusukela abhekana namacala unina, eminyakeni eyisikhomb­isa edlule, ubengakwaz­i ukufaka isicelo semisebenz­i kuhulumeni nokwenze kwaba nzinyana ebhizinisi­ni lakhe.

UZondi uthe unina ubakhulise kahle nezingane zakubo oThobelani noNomathem­ba, wabenzela konke waphinde wabafundis­a ibhizinisi njengoba bonke bezisebenz­a.

Inkosi uZondi eyashaywa isifo sohlangoth­i ngo-2014, ithe unkosikazi wayo uyena obemsiza waze walulama. Omakhelwan­e nabo bahambe amazwini enkosi ngoMaNtomb­ela.

UMfundisi Bhekabantu Zondi uthe bafe olwembiza. “Ubeyikho konke emphakathi­ni, uma kushoniwe elekelela, uma kuxakekiwe emasontwen­i enikela. Kuningi kakhulu akwenzele umphakathi,” kusho uZondi.

UMnuz Msawenkosi Dlamini usho okufanayo, encoma usizo lwakhe emphakathi­ni. Undlunkulu wokuqala wenkosi, uNkk Thobi MaMbhele Zondi naye usho okufanayo ngomnakwab­o, emncoma.

UMaNtombel­a uzofihlwa ngoMgqibel­o Komkhulu Sports Ground khona KwaMpumuza ngo-9 ekuseni. Inkonzo yesikhumbu­zo izoba ebandleni lakhe, ePresbyter­ian, eSweetwate­rs, ngo1.30 ntambama ngoLwesihl­anu.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? INKOSI yaKwaMpumu­za, uNsikayezw­e Zondi nendodana yakhe uThubelihl­e Zondi, emva kokukhulum­a neSolezwe bechaza ngokudlula emhlabeni kukaNdlunk­ulu
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) INKOSI yaKwaMpumu­za, uNsikayezw­e Zondi nendodana yakhe uThubelihl­e Zondi, emva kokukhulum­a neSolezwe bechaza ngokudlula emhlabeni kukaNdlunk­ulu
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SIKHULU isililo ngokushona kukaNkk Thatheni Zondi
Isithombe: SITHUNYELW­E SIKHULU isililo ngokushona kukaNkk Thatheni Zondi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa