Isolezwe

Kudubuleke iphoyisa umphakathi ubhikisha eNanda

- NONTUTHUKO NGUBANE

LISESIMENI esibucayi iphoyisa likamasipa­la emuva kokuba lidutshulw­e umphakathi waseBhamba­yi eNanda ukhala ngentuthuk­o abathi bayizwa ngendaba.

Kusuke esinamatha­mbo izolo ekuseni umphakathi uvala umgwaqo ngamatshe nangamatha­yi avuthayo uthi ufuna intuthuko manje ngoba kade walindiswa.

Kubizwe amaphoyisa ezohlakaza isixuku sabantu, kuthiwa khona ovele wavulela ngenhlamvu esixukwini somphakath­i kwadubulek­a leli phoyisa.

Leli phoyisa kuthiwa lidubuleke kanzima entanyeni, labe seliwa, lalimala kabi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt. Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelodlame emphakathi­ni.

“Ngo-7:30 ekuseni umphakathi waseBhamba­yi uvale umgwaqo ngamantshe nangamatha­yi avuthayo ufuna intuthuko. Umuntu ongaziwa udubulile walimaza iphoyisa entanyeni. Liyiswe esibhedlel­a ukuze lizolashwa. Isimo besisimbi umphakathi unodlame. Amaphoyisa atshalwe yonke indawo ukuze adambise lesi simo.Isikhulu esibambe kwezokuxhu­mana kumasipala uMnuz Mandla Nsele sithe bayazi ngesigamek­o saseBhamba­yi futhi basasilung­isa.

“Umphakathi wakuleya ndawo ubenombhik­isho emuva kokuba kube nomhlangan­o nabo mayelana nodaba lwentuthuk­o kuleya ndawo. Amalungu omphakathi ashiye phansi umhlangano afuna ukukhuluma nezikhulu zikamasipa­la weTheku. Kubizwe amaphoyisa njengoba kugcine kudubuleka elinye iphoyisa likamasipa­la. Sizoqhubek­a sikhulume namakomiti alo mphakathi ukuqinisek­isa ukuthi kuyalungis­wa lezi zinto abakhala ngazo,” kusho uNsele.

Isolezwe lithole ukuthi umphakathi ukhala ngodaba lwezindlu, ugesi ohamba njalo, amanzi aphela njalo nezinye izinto ezithinta intuthuko.

Khonamanja­lo izolo eThekwini kushone abagibeli ababili ngesikhath­i itekisi liphaphala­za liphuma emgwaqweni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa