Kudubuleke iphoyisa umphakathi ubhikisha eNanda
LISESIMENI esibucayi iphoyisa likamasipala emuva kokuba lidutshulwe umphakathi waseBhambayi eNanda ukhala ngentuthuko abathi bayizwa ngendaba.
Kusuke esinamathambo izolo ekuseni umphakathi uvala umgwaqo ngamatshe nangamathayi avuthayo uthi ufuna intuthuko manje ngoba kade walindiswa.
Kubizwe amaphoyisa ezohlakaza isixuku sabantu, kuthiwa khona ovele wavulela ngenhlamvu esixukwini somphakathi kwadubuleka leli phoyisa.
Leli phoyisa kuthiwa lidubuleke kanzima entanyeni, labe seliwa, lalimala kabi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uLt. Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelodlame emphakathini.
“Ngo-7:30 ekuseni umphakathi waseBhambayi uvale umgwaqo ngamantshe nangamathayi avuthayo ufuna intuthuko. Umuntu ongaziwa udubulile walimaza iphoyisa entanyeni. Liyiswe esibhedlela ukuze lizolashwa. Isimo besisimbi umphakathi unodlame. Amaphoyisa atshalwe yonke indawo ukuze adambise lesi simo.Isikhulu esibambe kwezokuxhumana kumasipala uMnuz Mandla Nsele sithe bayazi ngesigameko saseBhambayi futhi basasilungisa.
“Umphakathi wakuleya ndawo ubenombhikisho emuva kokuba kube nomhlangano nabo mayelana nodaba lwentuthuko kuleya ndawo. Amalungu omphakathi ashiye phansi umhlangano afuna ukukhuluma nezikhulu zikamasipala weTheku. Kubizwe amaphoyisa njengoba kugcine kudubuleka elinye iphoyisa likamasipala. Sizoqhubeka sikhulume namakomiti alo mphakathi ukuqinisekisa ukuthi kuyalungiswa lezi zinto abakhala ngazo,” kusho uNsele.
Isolezwe lithole ukuthi umphakathi ukhala ngodaba lwezindlu, ugesi ohamba njalo, amanzi aphela njalo nezinye izinto ezithinta intuthuko.
Khonamanjalo izolo eThekwini kushone abagibeli ababili ngesikhathi itekisi liphaphalaza liphuma emgwaqweni.