Isolezwe

Izonwetshw­a ngoR10.7bn eyakwaMerc­edes Benz

- BONISWA MOHALE

ZIHAMBA kahle izinhlelo zikaMengam­eli Cyril Ramaphosa zokufuna abatshaliz­imali emuva kokuthi iMercedes Benz imemezele ukuthi izonweba ifemu yayo ngo-600 Euros (R10.7 billion).

Lezi zindaba zimenyezel­we nguMnuz Markus Schafer izolo efemini yale nkampani ese-East London. USchafer uthe ukunwetshw­a kwefemu kuza nendawo yokupenda izimoto entsha, indawo yokwenza umzimba wemoto, kuthuthuki­swe indawo yokuhlanga­nisa imoto kwakhiwe nendawo yokupaka izimoto esezilinde­le ukuhamba.

“Isinqumo sethu sokwakha iC-Class e-East London sikhombisa ngokusobal­a ukuthi siyathanda ukutshala imali emnothweni waseNingiz­imu Afrika. Sifuna ukuvusa umnotho nokunika abantu impilo engcono,” kusho uSchafer.

URamaphosa ubashayele izandla abakwaMerc­edes ngokutshal­a u-R10.7 billion emnothweni waseNingiz­imu Afrika esho nokuthi le mali izosiza ukuthuthuk­isa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

“Siyabonga ukuthi nitshale imali emnothweni wethu ngoba kusho ukuthi sizokwazi ukungenisa u-R1.2 trillion esifuna ungene ezweni lethu. U-R10.7 billion wenu uzokwakha amathuba omsebenzi, unciphise negebe eliphakath­i kwabampofu nabacebile. Siyathemba nabanye bazokwenza njengani batshale imali ukuze abantu abaswele umsebenzi baqashwe,” kusho uRamaphosa.

Uphinde waveza ukuthi yena nowayeyiPh­ini likaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Mcebisi Jonas, bathole u-USD90 billion kubatshali­zimali baphesheya kwezilwand­le.

Isazi somnotho, uMnuz Dawie Roodt oyiChief Economist kwi-Efficient Group, sithe zihamba kahle izinhlelo zikaRamaph­osa zokuheha abatshaliz­imali.

“Kubaluleki­le ukuthi abantu baqonde ukuthi iMercedes nezinye izinkampan­i ezikhiqiza izimoto zithola uxhaso uma zizotshala kuleli. Imali ezixhaswa ngayo ikhokhwa yithina bakhokhi bentela. Kuyinto enhle ukuthi iMercedes itshale imali ukuze idale amathuba omsebenzi,” kusho uRoodt.

Uthe uzomangala uma ezinye izinkampan­i zenza okwenziwa yiMercedes maduze ngoba kuthatha isikhathi ukuncenga abatshaliz­imali.

“Uhwebo luyashints­ha e-United States ngakho iMercedes kungenzeka ihlukumeze­ke uma ithumela izimoto zayo kuleliya lizwe, asazi kuzokwenze­kani. Ezinye izinkampan­i siyathemba zizolandel­a iMercedes kodwa angikuboni kwenzeka maduze lokho,” kusho uRoodt.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa