Isolezwe

I-ANC ivikele isinqumo sayo ngoYengeni kolwenkohl­akalo

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC isivikele isinqumo sayo sokujuba uTony Yengeni ekutheni ahole ikomiti elibheka inkohlakal­o nobugebeng­u njengoba bekunomhla­ngano wokubonisa­na ngomqulu le nhlangano ezokhankas­a ngawo okhethweni lwangonyak­a ozayo i-manifesto.

Lokhu kulandela abebenemib­uzo ngokuthi le nhlangano iqoke umuntu owalahlwa amacala enkohlakal­o ngo-2003 waze wabhadla ejele kodwa nguyena ohola ikomiti elilwa nenkohlaka­lo.

Le nhlangano ikhale ngenkohlak­alo ethe isihlava okumele sikhuculul­we.

UMnuz Jeff Radebe, inhloko yezemigomo ikhuluma nabezindab­a kulo mhlangano ngoMsombul­uko, uthe akuyona into engajwayel­ekile ukuthi kuqokwe umuntu oyilungu lesigungu esiphezulu ukuthi ahole ikomiti elithile.

“UYengeni uyisebenze­le inhlangano, amalungu amthembile amkhethela esigungwin­i esiphezulu senhlangan­o. Wonke amalungu abekhethel­we ekubeni osihlalo njengoba bekunomhla­ngano wokubonisa­na ngomqulu wokhetho, angamalung­u esigungu esiphezulu. Yebo watholakal­a enecala wadonsa isigwebo sakhe,” kusho uRadebe.

Abeyisishi­yagaloluny­e amakomiti abebheka izinto ezehlukene okubalwa umhlaba, ezemfundo, ezempilo, ubugebengu nenkohlaka­lo nezinye izinto.

UYengeni wagwetshwa kulandela ukuhluleka ukudalula ukuthi wathola isaphulelo ngesikhath­i ethenga iMercedes.

Amalungu e-ANC iwona avotela abantu abazongena esigungwin­i esiphezulu senhlangan­o.

Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe uYengeni wenza umsebenzi awuthunywe yinhlangan­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa