Isolezwe

Udutshuliw­e obehlasela izalukazi

- ZANELE MTHETHWA

AZIKATHOLA­KALI izihlobo zowesilisa okuthiwa udutshulwe washona ngonogada ngoMsombul­uko emuva kokuhlasel­a umuzi wesalukazi ezokweba eMhlali. Kuthiwa lo msolwa ubevele ehlupha ngokuhlase­la izaguga kule ndawo njengoba esigamekwe­ni sokugcina ebebamba inkunzi isalukazi esineminya­ka engu-73.

Lo wesilisa imininingw­ane yakhe engakathol­akali njengoba engaziwa, kuthiwa ubesenezin­ye izigameko abefunelwa zona ezihlobene nokuhlasel­a izaguga.

Kuthiwa isalukazi sivuswe umsindo ekuseni, okuthe uma siyobheka emnyango, umsolwa wasikhombi­sa isibhamu wafuna izimpahla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenan­tColonel Thulani Zwane uthe azikathola­kali izihlobo zikamsolwa futhi akwaziwa nokuthi ubehlalaph­i. Uveze ukuthi isalukazi besisalele emzini waso eSalt Rock ngesikhath­i sivuswa umsindo egcekeni. Kuthiwa umsolwa ubesehambi­le endlini yesalukazi ngesikhath­i ethungathw­a onogada abazimele emuva kokubikelw­a ngalesi sigameko.

UZwane uthe umsolwa ubesolwa ngamanye amacala amabili nawo ahlobene nokuphanga emizini ekuyona le ndawo.

“Umsolwa usabise isalukazi ngesibhamu maqede wathatha iselula, imali nezinye izimpahla. Isalukazi sishayele inkampani yonogada, yathungath­a umsolwa obesaseduz­e nendawo yesigameko. Onogada bebezama ukumbamba, wadubula kuqala onogada baphindise­la kwashona umsolwa,” kusho uZwane.

Umufi kuthiwa utholakale nesibhamu esingekho emthethwen­i okusolakal­a ukuthi yisona abekhombe ngaso isalukazi.

“Kuvulwe icala lokuphanga kuhlonyiwe, kwavulwa nedokodo lokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa aseMhlali. Kusolwa ukuthi isibhamu esitholaka­le kumufi sasintshon­tshwe komunye umuzi ngesikhath­i kuphangwa ngoMeyi nonyaka,” kusho uZwane.

UZwane uthe isalukazi asilimalan­ga kulesi sigameko ngoba umsolwa uphume nezimpahla kuphela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa