Isolezwe

Kuxwayiswa abadla amambawu

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Against Drunk Driving (Saad) idonse ngendlebe abantu ukuthi bayeke umkhuba wokuphuza utshwala bese beshayela izimoto ngoba izingozi eziningi zidalwa ngabantu abasuke bephuzile.

Esitatimen­deni, iSaad ithe ukuphuza bese ushayela yicala elinzima okufanele olenzile avalelwe ejele.

Izolo bekugujwa usuku lokuqwashi­sa ngotshwala lapho abantu begqugquze­lwa ukuthi bazithibe otshwaleni futhi bazifundis­e ngezinking­a ezenziwa wutshwala.

AbeSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) bakhumbuze abantu ukuthi akufanele baphuze baze babhuquze ngoba lokhu kuyicala. Uhulumeni uthe umuntu ozoshayela akufanele aphuze utshwala obudlula u-340ml ngosuku.

Lokhu kusho ukuthi owesifazan­e kufanele aphuze uhhafu wekhothi kabhiya ngosuku uma ezoshayela, owesilisa kufanele aphuze iziphuzo ezintathu ngosuku okusho ukuthi wo-340ml abathathu.

ISouth African Breweries (SAB) ithe abantu kufanele bazikalele njalo uma bephuza ngoba kufanele umuntu aphile nangakusas­a.

Benze isibonelo sokuthi umuntu omdala onesisindo sika-68kg kufanele aphuze utshwala obungu-10ml ngehora.

“Imizimba yethu ikwazi ukumelana nesiphuzo esisodwa sotshwala ngehora. Uma unesisindo esincane kusho ukuthi umzimba wakho udinga isikhathi eside ukuthi ubhekane notshwala,” kusho abakwa-SAB.

ISadag icele abanenking­a yotshwala ukuthi bafonele u-0800 12 13 14 ukuze bathole usizo. Esitatimen­deni iSadag ithe inombolo yabo ifonelwa amahora angu-24 ngosuku futhi usizo lwayo lumahhala. Lukhona nosizo olutholaka­la kwi-internet ngokungena kwiwebsite yeSadag ethi www.sadag.org.za bese ucindezela amagama athi CONTACT THE COUNSELLOR.

Bathe amakhansel­a abo akhuluma nabantu kwiinterne­t kusukela ngeMsombul­uko kuya kwiSonto ngo-10 ekuseni kuze kube wu-2 ntambama.

Abantu abangenayo imali kodwa abadinga usizo kufanele bathumele isms ecela ukuthi bafonelwe ku-32312.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa