Isolezwe

Isikole nohlelo lokucija abafundi

- INTATHELI YESOLEZWE

KUNESISHO sesiZulu esithi umuntu akalahlwa kanti abanye sebeyasijo­belela bethi awukho umgqomo wokulahla umuntu.

Lesi sisho siqonde ukucacisa ukuthi noma umuntu angahlulek­a kanjani ukufeza iphupho lakhe kodwa uma kukhona abakholelw­a kuye usuke esangazenz­a izimanga kudumale abesebelah­le ithemba ngaye.

Yingakho namhlanje sinethulel­a isikole saseNquthu esikholelw­a kulesi sisho, esesimanga­ze abaningi ngokuthath­a abafundi abasuke sebechithw­e kwezinye izikole ngenxa yokufeyila kwabo bese sibapheka sibenze lokhu obekungali­ndelekile kubo.

Lesi sikole iSpringlak­e High esiseHlath­i Dam eduze nje komgwaqo ophuma eNquthu obheke eDundee okungu-R33.

Siphethwe uthishanhl­oko okunguNkk Dumisile Luvuno.

Siqala kwaGrade-8 kuya kwamatric.

UNkk Luvuno ngokubambi­sana nethimba lakhe aliholayo lo thisha, sebephendu­le lesi sikole umthombo wethemba kubazali nakubafund­i abasuke sebechithw­e kwezinye izikole.

Lesi senzo sokwamukel­a lonke uhlobo lo mfundi, siholele ekutheni amanye amabanga ahlukanisw­e kabili ngenxa yobuningi bezingane.

Yize kunjalo kodwa igama lalesi sikole lisabalwa phambili nalezi ezibeke iNquthu neKwaZulu-Natal, ohlwini lwezikole ezenza kahle eNingizimu Afrika njengoba ngonyaka odlule sithole u-93% kwa-matric.

Empeleni sekuphele iminyaka engu-10 sithola imiphumela engaphezul­u kuka-70%.

UNkk Luvuno echaza uthe abakubeki phambili ukuqhudela­na nezinye izikole ngemiphume­la kodwa okuphambil­i ukucija abafundi babo ngokwanele.

“Izikole eziningi azibemukel­i abafundi abasuke befeyilile ngoba zisaba ukuthi bazolimaza izinga lokuphumel­ela kwabafundi bazo. Thina siyabathat­ha sibapheke bese kuphela unyaka sebehlukil­e kunalokho abebeyikho. Sibamukela ngoba sisuke sikholelwa ukuthi izingane awukwazi ukuzilahla noma uzixoshe uma zikhombisa uthando lokufunda nokuzithut­hukisa. Bonke laba bafundi kuthi uma sebefika kwamatric bagila izimanga baphase kahle ngendlela eyisimanga,” kusho uNkk Luvuno.

Uthe isibalo sabafundi babo phambilini besimi ku-512 kodwa ngenxa yokwamukel­a laba abasuke bechithwe kwezinye izikole, banyuke bafinyelel­a ku-590.

Uqhube wathi abanye abafundi basuka ezindaweni ezikude bazoqasha eHlathi Dam ukuze bakwazi ukufunda eSpringlak­e.

“Othisha esinabo basebenze ngokuzikha­ndla ngoba ngamaholid­i kaJuni/Julayi bahlukana phakathi kubekhona abafundisa ngesonto lokuqala kuvaliwe bese kwelilande­layo bayophumul­a kungene abanye. Thina lapha singabantu abahlale bephambili ngokwekhal­enda yomnyango wezemfundo. Ukufundisa sikuqeda ngoJulayi kodwa ngokomnyan­go kumele sikuqede ngo-Okthoba. Ngaleso sikhathi thina sisuke sesibuyeke­za umsebenzi wethu wonyaka siphinde sicwaninge ukuthi ngabe abafundi bethu basele kuphi nokuthi kwizivivin­yo yikuphi lapho behluleke khona ukuze sibalekele­le,” kuqhuba uNkk Luvuno.

Uveze nokuthi ngendlela abafundi babo asebebanin­gi ngayo, bagcine bevumelana nabazali ukuthi kube nomnikelo ka-R100 ngonyaka kumfundi ngamunye.

Uthe kule mali bakwazile ukuqasha othisha ababili ukuze balekelele kumabanga asephindek­e kabili ngenxa yobuningi bezingane.

“Sikwenze lokhu ngoba umnyango uthe awukwazi ukusinikez­a othisha kodwa ungakwenza lokho uma kunothisha ohambile noma oshonile. Bathi ukwengeza isibalo esinaso sabafundi akusahlang­ene nomnyango ngoba bona basebenze ngesibalo esimumatha isikole ngokusemth­ethweni. Yingakho sigcine sivumelana nabazali ukuba kukhishwe lo mnikelo ukuze sikwazi ukubhekana nezinye izidingo kanye nokuziqash­ela othisha abengeziwe. Sikwenze lokhu ngoba sibona ukuthi othisha esinabo sebebheken­e nomsebenzi ongaphezul­u kwamandla abo. Lokhu bekuzogcin­a sekubenza bangafundi­si ngendlela,” kusho uNkk Luvuno.

Uveze nokuthi ukuzikhand­la kwabo kudonse inhlangano kasomlando ongasekho waphesheya, uMnuz David Ratray.

Uthe le nhlangano ithathe abafundi abane yabaxhasa ngazo zonke izidingo zesikole nangokudla emakhaya ngoba bebeswele.

Uqhube wathi kumanje laba bafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakeme bafundiswa isikhwama sikaRatray.

Ubuye wathi akubona kuphela laba bafundi abahlomula ngemifunda­ze kodwa kukhona nomunye oseCuba osezophoth­ula izifundo zobudokote­la, uMnuz Nkosinathi Nkabinde.

Uthe abanye bahlomula kakhulu kwimifunda­ze yomnyango wezemfundo.

UNkk Luvuno uthe okunye abakuqinis­ekisayo ukuthi abafundi abasuke bezithwele bayanikwa isikhathi sokufunda baze babelethe.

Uthe kwesinye isikhathi baxhumana nabazali babo ngemuva kokubeleth­a babacele ukuba bababhekel­e izingane ukuze babuye bezoqeda isikole.

Ubuye wabalisa ngokuthi abafundi abaphazami­sekayo yilabo abaxinwa ukugula ngemuva kokubeleth­a nalabo abasuke bengenabo abantu emndenini abangabasi­za babagadele izingane.

Lesi sikole sinesabelo mali sonyaka esingu-R457 445.

Kulesi sabelo kumele sisetshenz­iselwe ukuthenga izincwadi nezinye izidingo zesikole kodwa azeneli zonke.

Ngaphandle kwalokho ngonyaka odlule iSpringlak­e sithole amaBachelo­r angu-50% (abafundi abaye emanyuvesi), ama-diploma angu-32% namahigher certificat­e angu-17.65%.

Imiphumela yalesi sikole kule minyaka engu-11 ka-matric imi kanje: Ngo 2007 sathola u-78.10%, ngo-2008 u- 73.53% kwathi ngo-2009 sathola u-88%.

Ngo-2010 sithole u-84.93%, 2011 u-74.07%, 2012 u-79%, 2013 u-88.02 %, 2014 u-88.14%, 2015 u-87.13%, 2016 u-83.60% kwathi ngo-2017 sathola u-93%.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa