Isolezwe

Kugujwe usomqulu wenkululek­o

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA izolo bekugujwa iminyaka engu-63 kwadwetshw­a umqulu wenkululek­o iFreedom Charter, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa, uthi likhulu ibanga eselihanji­we ukuhlangab­ezana nemigomo yalo mqulu.

UMthethwa obekhuluma izolo eSandton, eGoli, uthe ziningi izinguquko ezenziwe njengokuth­i baningi abesifazan­e ePhalamend­e, wathi izwe selingcono uma uqhathanis­a no-1994.

Uthe baningi abantu abanezindl­u, ugesi kanjalo namanzi.

“Odabeni lomhlaba okumanje lusemathen­i, uhulumeni usubuyisel­e umhlaba kubantu. Uhulumeni usukhokhe ngaphezulu kuka-R20 billion kubantu abangu-1.8 million abathole umhlaba. Sikhathaze­kile ngodaba lokuhamba kancane kokubuyise­la umhlaba kubantu,” kusho uMthethwa.

Uthe yingakho i-ANC inqume ukuthi kumele lusheshisw­e lolu hlelo lokubuyisw­a komhlaba kubantu.

Usho lokhu nje i-EFF izolo ithe ihlale isebenzisa lo mqulu ukuze abantu bathole okubafanel­e ngoba ingcebo yezwe isezandlen­i zabambalwa.

Leli qembu likhale ngokuthi i-ANC iwulaxazil­e lo mqulu yavala umlomo abantu abawudweba.

“Ngemuva kweminyaka kwaba nokhetho lokuqala lwentando yeningi, umhlaba nengcebo yezwe kusezandle­ni zabantu abambalwa. Awukho umehluko otheni uma uqhathanis­wa neminyaka engu-63 edlule,” kusho i-EFF. Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, uthe bagubha le minyaka engu-63 yokudwetsh­wa kwalo mqulu okwenzeka kuhlangene abantu eKliptown ngo-1955.

Uthe amavolonti­ya okubalwa kuwo uMnuz Nelson Mandela noNkk Albertina Sisulu, bahambela izindawo ezehlukene beqoqa imibono yabantu ngezinto THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ababezifun­a.

“Uhulumeni wobandlulu­lo wawazi ukuthi lo mkhankaso uzolimaza umbuso wawo yingakho kwaboshwa obhongoza balo mkhankaso. Kwathunyel­wa amasosha namaphoyis­a kwaboshwa abantu-156 ngamacala okuvukela umbuso.”

Uthe lo mqulu ukhuluma ngezinto eziningi okubalwa imfundo, izindlu, imisebenzi, umhlaba nezinye.

UMthethwa uthe avuliwe amathuba athinta umnotho kuleli, wathi amagugu ezokumbiwa angaphansi komhlaba alawulwa uhulumeni njengoba ewaphathel­e abantu.

Uthe miningi imithetho evikela abasebenzi kanjalo nekhuluma ngokulinga­na emsebenzin­i.

“Ezemfundo yiyona into uhulumeni ayibeke eqhulwini. Senza kahle ekuphasise­ni abafundi kwa-matric. Uhulumeni ungeneleli­le njengoba ibiza imfundo ephakeme yingakho kunohlelo lokuthi kube nemfundo yamahhala,” kusho uMthethwa.

Uthe uhulumeni wakhe izindlu wathi lezi ngezinye zezinto abazenzile eziqukethw­e kulo mqulu.

 ?? Isithombe:KOPANO TLAPE GCIS ?? UNGQONGQOS­HE wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa othi kuningi uhulumeni asekwenzil­e ukuhlangab­ezana nomqulu wenkululek­o
Isithombe:KOPANO TLAPE GCIS UNGQONGQOS­HE wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa othi kuningi uhulumeni asekwenzil­e ukuhlangab­ezana nomqulu wenkululek­o
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa