Isolezwe

Amabhange azotakula uhulumeni

- BONISWA MOHALE

IZIKHULU zamabhange ezingamalu­ngu eBanking Associatio­n of South Africa (Basa) zithi zizimisele ukutakula izinkampan­i zikahulume­ni ezinenking­a yezimali ukuze zingacwili kakhulu ezikweleti­ni.

Lesi simemezelo senziwe yisikhulu esiphezulu seBasa, uMnuz Cas Coovadia oveze ukuthi ngoLwesibi­li kaJuni 19 babenomhla­ngano noNgqongqo­she wezeziMali, uMnuz Nhlanhla Nene, owamaBhizi­nisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan nePhini likaNene, uMnuz Mondli Gungubele.

“Emhlanganw­eni sachazelwa ngesimo sezinkampa­ni zikahulume­ni nezingqina­mba zezimali ezibhekene nazo. Sihambile sayokhulum­a namalungu ethu siwachazel­a ukuthi uhulumeni udinga sisize izinkampan­i zakhe ukuze zikwazi ukukhokha izikweletu. Kuyoba yishwa uma lezi zinkampani zingase zeqiwe yizinyanga ezikweleti­ni zazo. Amalungu ethu okungamabh­ange avumile ukusiza ngoba awafuni kube nabantu abaphelelw­a wumsebenzi nokuthi umnotho wethu uwe,” kusho uCoovadia.

Uthembise ukuthi bengamabha­nge bazokwenza konke okusemandl­eni ukusiza izinkampan­i zikahulume­ni ezifana ne-Eskom ukukhokha izikweletu zazo nokuthi zibuyelwe wuzinzo uma kukhulunyw­a ngokuphath­wa kwezimali.

“Uhulumeni uvumile ukuthi uzozilalel­a iziphakami­so ezenziwayo zokuthi izinkampan­i zakhe zenze imali. Uphinde wazibophez­ela ukuthi uyena ozobhekana nesikwelet­u uma izinkampan­i zihluleka wukukhokha. Izingxoxo zethu nohulumeni ziyaqhubek­a ngoba sifuna indlela yokuthuthu­kisa umnotho wezwe,” kusho uCoovadia.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe kufanele ishayelwe izandla iBasa ngesimemez­elo sayo yize simbaxambi­li.

“Isitatimen­de seBasa sihle uma kuwukuthi inkohlakal­o efake izinkampan­i zikahulume­ni kulesi simo esikuzo izokhuculu­lwa ngoba abantu abadayisa amalahle kwa-Eskom bayawabizi­sa. Uthe isikhulu sakwa-Eskom uMnuz Phakamani Hadebe uyasithemb­a ngoba singumuntu owuhloniph­ayo umthetho kodwa akazi noma sizophumel­ela yini ukukhuculu­la inkohlakal­o yeminyaka.

“Ukuze i-Eskom ikwazi ukusebenza kahle, yenze nemali ngathi kungaqalwa phansi kuqashwe kabusha izinkampan­i eziwudayis­ela amalahle. Ucwaningo luveza ukuthi kudala i-Eskom yayinezikh­ulu ezingu-81 kodwa manje zingaphezu kuka-500 ,” kusho uDumisa.

Uthe ngisho kwaSAA kunoSihlal­o weBhodi othembekil­e futhi okwaziyo ukuvusa izinkampan­i eziwayo uMnuz Johannes Bhekumuzi Magwaza kodwa akazi ukuthi kuzomthath­a iminyaka emingaki ukukhuculu­la inkohlakal­o yeminyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa