Isolezwe

Isicelo sabakwaSPC­A sezigidi sisuse umsindo emkhandlwi­ni

- MLUNGISI GUMEDE

KUSUKE umsindo phakathi kwamakhans­ela e-ANC neDA emkhandlwi­ni weTheku mayelana nesicelo sabakwaSPC­A sokuthi banikwe izigidi zemali umasipala ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo wokuqoqa izinja namakati awuvanzi emphakathi­ni.

AbakwaSPCA bafuna imali engaphezu kukaR13 million ozosebenza iminyaka emithathu ukuze bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo. USotshwebh­u wamaKhanse­la e-ANC eThekwini, uNkk Nelly Nyaniso, usabise ngokuthi bazolunqam­ula uxhaso lwakaSPCA uma bengasabal­ali nasezindaw­eni zabantu abamnyama.

“Amahhovisi akwaSPCA asezindawe­ni zabantu abamhlophe, awekho ezindaweni zabantu abamnyama kodwa basizwa imali yabakhokhi bentela,” kusho uNkk Nyaniso. USomlomo eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz William Mapena uthe noma ngabe kuthiwa bayawuxhas­a uSPCA kodwa akumele imali abazoyitho­la bakhokhele ngayo izisebenzi.

“Imali uma siyikhipha kumele yenze umsebenzi wokuqoqa izinja namakati, hhayi ukuthi iholele izisebenzi neziphathi­mandla zakwaSPCA,” kusho uMapena.

Uthe uSPCA unabaxhasi abaningi, awuthembel­e emkhandlwi­ni kuphela.

Imikhandlu iyabaxhasa abakwaSPCA ukuze bakwazi ukuqoqa izinja namakati ahluphayo emphakathi­ni.

USihlalo wekhokhasi yeDA eMkhandlwi­ni weTheku, uNkk Nicole Graham uthe inkulumo engaphusil­e ukuthi kuthiwe abakwaSPCA basiza kakhulu abantu abamhlophe.

“Noma engekho amahhovisi abakwaSPCA ezindaweni zabantu abamnyama kodwa bayafika ezindaweni uma bebiziwe,” kusho uNkk Graham.

Uthe imikhandlu iphoqwa umthetho ukuthi ixhase ngemali abakwaSPCA.

“AbakwaSPCA kumele banikwe imali bayisebenz­ise lapho kunesiding­o khona, akumele batshelwe ukuthi kumele bayisebenz­ise kanjani,” kusho uNkk Graham.

IMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe kungukweyi­sa kuNkk Graham ukuthi athi amakhansel­a e-ANC akhuluma into engaphusil­e uma ethi abakwaSPCA bagxile kakhulu ezindaweni zabamhloph­e ngoba vele bakhuluma iqiniso.

“Into esiyishoyo ukuthi uSPCA kumele usabalale usize yonke imiphakath­i ngendlela efanayo,” kusho uNkk Gumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa