Usolwa ‘ngokupotshoza’ izindaba
AMAPHOYISA aseNkandla aphenya izikhulu ezimbili zalo masipala nomholi we-IFP endaweni ngezinsolo zokusabisa imenenja yehhovisi leMeya ngoba inukwa ngokupotshozela i-DA imiqulu ethinta ukukhishwa kwamathenda ngendlela enenkohlakalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe uMnuz Chris Ntuli oyisikhulu ngaphakathi kumasipala, uvule icala lokusatshiswa yilezi zikhulu zikanye nomholi we-IFP endaweni.
“Okwamanje akukaboshwa muntu ngoba uphenyo lusaqhubeka mayelana naleli cala lokusatshiswa,” kusho uColonel Mbhele.
UNtuli kuthiwa uvule icala ngesonto eledlule ngemuva kokuba ethole ucingo obelunezinsongo, luvela kwesinye sezikhulu zikamasipala .
“Lolu cingo, kwenziwa uphenyo ukuze kutholakale ukuthi luvela kubani kube sekuvela ukuthi luqhamuka komunye wabaholi bomkhandlu, lolu phenyo luphinde lwaveza nokuthi kuqale kwabanengxoxo ebiphakathi kwalo mholi osemkhandlwini nakomunye osebuholini be-IFP endaweni nakwesinye sezikhulu zikamasipala ngaphambi kokuba kufonelwe uNtuli asatshiswe,” kusho omunye wabasebenzi baseNkandla.
UNtuli ethintwa akafunanga ukuphawula ngoba ethi udaba seluphenywa amaphoyisa.
Lezi ziphathimandla ezisolwayo ezintathu, kuthiwa zisola uNtuli ngokuthi ukhipha wonke amanyundululu kamasipala, awanikeze abezindaba nomholi weDemocratic Alliance KwaZuluNatal, uMnuz Zwakele Mncwango ukuze bawanekele izwe.
Usolwa ngokuthi ekuqaleni konyaka uputshuzele izintatheli izincwadi ebeziveza ukuthi ukuqashwa kukaMnuz Langalakhe Jili njengeMenenja kamasipala akukho semthethweni ngoba obenguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana kuzwelonke, uMnuz Des Van Rooyen wakuchitha wathi akuhambisani no section 55.
Le ncwadi kuthiwa yabhalelwa uJili ngo-Agasti 2017 kodwa bayiziba.
Kuphinde kusolwe uNtuli ngokuthi wapotshoza neyayibhalwe uNkk Nomusa Dube Ncube eyayichitha uJili kodwa nayo yashawa indiva.
Kusolwa nokuthi uJili usekhiphe amathenda angaphezulu kuka-R20 million , esebenzisa ngokungemthetho uRegulation 32, ovumela ukukhishwa kwamathenda ngaphandle kokulandela imigudu yeSupply Chain Management.
Nakulolu daba kuthiwa kusolwa uNtuli ngokuthi uthathe imininingwane yalo wayipotshozela uMncwango, ozwakale eseyineka kuKhozi FM.
“UNtuli usenkingeni embi kabi. Ukube ubeyimi, naleli cala ubezolisusa lapha emaphoyiseni aseNkandla ngoba angiliboni liphumelela. Phela lolu daba lunzima ngoba luqale lwavukuzwa ikhansela uMthombeni waseMangidini kuward 7 emhlanganweni womkhandlu. Lowo khansela kuthe esendleleni ebheke eThekwini ehambise imininingwane yalo kuMntwana wakwaPhindangene, imoto yakhe yakhumuka amasondo endleleni yabaginqa washona.
Manje awazi ukuthi kuzokwenzekani nakuNtuli njengoba esesatshiswa,” kusho esinye sezikhulu ezingaphakathi eNkandla.
IMeya yaseNkandla, uMnuz Thamsanqa Ntuli ithe ayazi lutho ngalolu daba oselusemaphoyiseni futhi ayikaze izwe lutho ngalo.
Umkhulumeli weqembu uMnuz Joshua Mazibuko uthe bayakweshwama lokhu abakuzwayo.
“Siyiqembu asazilutho ngalolu daba futhi asihambisani nezehlakalo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu. Ngakho uma kuyiqiniso lokhu okushiwo ngabaholi bethu, sikugxeka kakhulu ngoba zikhona izinhlaka zomthetho nezeqembu okudingeka kubikwe kuzo uma kukhona lapho kungazwanwa khona,” kusho uMazibuko.