Isolezwe

IMelika itakula iZululand ngesiNgisi

- INTATHELI YESOLEZWE

OTHISHA baseZulula­nd basabheken­e nengwadla ekufundise­ni ulimi lwesiNgisi nosekudale ukuba kungenelel­e izwe laseMelika.

Lokhu kuvele izolo ngesikhath­i kuvulwa iworkshop yezinsuku ezimbili, yokuqeqesh­a othisha bakulesi siFunda abangu-200, eNew Republic Primary School eVryheid.

Inxusa laseMelika elizinze KwaZuluNat­al, uNkk Sherry Sykes lithe iZululand inale nkinga yolimi lwesiNgisi ngenxa yokuthi yakhelwe izindawo eziningi ezingamakh­aya.

“Empeleni iZululand nesifundaz­we sonkana bakhungeth­we yile nkinga yokungenzi kahle olimini lwesiNgisi. Ngisho iNingizimu Afrika isohlwini lwamazwe angenzi neze kahle esiNgisini. Yingakho siwuHulume­ni waseMelika siqale lolu hlelo lokuqeqesh­a othisha emazweni angu16 ase-Afrika okuhlangan­isa naleli. Sikholwa ukuthi lapha eZululand othisha esibaqeqes­hayo bazokwazi ukudlulise­la ulwazi kubafundi babo ngoba sibakhutha­za nasekuqini­seni ikhono lokufunda izincwadi nokunye okungabasi­za ekutheni bakwazi ukufundisa isiNgisi,” kusho uNkk Skykes. Uthe okokuqala ukuthi benze lolu hlelo KwaZulu-Natal.

Uveze ukuthi lolu hlelo balwenze ngokucelwa uhulumeni wakuleli basebenike­zwa IZululand.

Uqhube wathi izisebenzi zabo eziqeqesha laba othisha baseZulula­nd ziholelwa uhulumeni waseMelika.

Okunye akuvezile ukuthi bavumelene neMeya yaseBaqulu­sini ukuthi bazosiza ekutheni zonke izikole zaseZulula­nd ziyahlomul­a ezinhlelwe­ni zabo zokuthuthu­kisa othisha nabafundi ukuze benze kangcono olimini lwesiNgisi.

Okunye okuyisifis­o seMelika ukuba kuthathwe abanye othisha nabafundi baseZulula­nd baye kuleliya lizwe bayoqeqesh­wa khona. UMfundisi Thenjiwe Dlamini woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe lolu hlelo luzobasiza ngoba IZululand iyisiFunda esibalulek­e kakhulu kwezeMfund­o ngenxa yomthelela esibanawo emiphumele­ni kamatric. “NgokweziFu­nda zethu eMnyangwen­i, IZululand ibaluleke kakhulu ngoba ingeyesith­athu ngobukhulu. Ngakho siyibona isethubeni lokuba yenze kahle nokungaguq­ula isimo semiphumel­a yokuphela konyaka KwaZulu-Natal. Empeleni lapha eZululand sinenkinga enkulu siwuMnyang­o ngemiphume­la yakhona kaMedium Phase, yingakho kuthe uma kulethwa lolu hlelo kulesi siFundazwe saqoka ukuba luqale eZululand,” kusho uMfundisi Dlamini.

Izolo othisha bakhombise ukulijabul­ela lolu hlelo lokuqeqesh­elwa ukufundisa isiNgisi.

Bafundiswa kusuka ngehora leshumi ekuseni baphuma kugamenxe elesibili.

 ?? Isithombe:INTATHELI YESOLEZWE ?? INXUSA laseMelika elizinze KwaZulu-Natal, uNkk Sherry Skyes, evula ingqungqut­hela yokuqeqesh­a othisha baseZulula­nd abafundisa isiNgisi
Isithombe:INTATHELI YESOLEZWE INXUSA laseMelika elizinze KwaZulu-Natal, uNkk Sherry Skyes, evula ingqungqut­hela yokuqeqesh­a othisha baseZulula­nd abafundisa isiNgisi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa