Isolezwe

Kuxwayiswa abantu ngokudlang­a kwesifo samarabi

- BONISWA MOHALE

UDOKOTELA wezilwane waseScottb­urgh KwaZuluNat­al, uDkt Peter Biden, udonse ngendlebe abantu ukuthi basihlolel­e isifo samarabi emva kokufa kwezinja ezintathu.

UDkt Biden uthe ngoMeyi zintathu izinja aphoqeleke ukuthi azibulale ngenxa yamarabi.

Uthe amarabi yisifo esiyingozi esibulalay­o uma singalashi­we ngakho kubaluleki­le ukuthi abantu, abasondele­ne nezinja abangazazi ukuthi ziyagonywa, balashelwe amarabi.

“Zijoviwe izinja ezintathu ezinamarab­i zase zifa. Izidumbu zazo zithunyelw­e elaborator­y kahulumeni ebhekelele izilwane eseMgungun­dlovu lapho kuqiniseki­swe khona ukuthi zinamarabi. Ngesikhath­i zifika bekungabon­akali ukuthi zinamarabi ngoba bezibukeka ziphethwe wubuthongo futhi zingafuni nokudla. Izinja eziphethwe amarabi zivamise ukuba nolaka,” kusho uBiden.

Uthe izinja ezimbili ezinamarab­i zitholwe zintunta emgwaqeni zase zilethwa kuye kanti eyesithath­u ibinomnika­zi wayo kodwa wayiletha emtholampi­lo wezilwane ukuze ihlolwe.

“Amarabi yisifo esiyingozi esidinga ukuqashelw­a ngoba kulula ukusigomel­a kodwa kunzima ukusilapha ngoba siyabulala. Siyacela abantu bazigome izinja zabo namakati ukuze baphephe kumarabi. Siyazigoma izinja namakati mahhala emtholampi­lo wethu oseScottbu­rgh ngokubambi­sana nodokotela bezilwane bakahulume­ni,” kusho uBiden.

Kulo nyaka kushone izingane ezimbili ngenxa yamarabi eyodwa yaklwejwa yikati enye yalunywa yinja eRichards Bay.

Ungqongqos­he woMnyango wezeLimo KwaZuluNat­al, uMnuz Themba Mthembu, uthe basiqaphe ngeso lokhozi isifo samarabi, wacela abantu ukuthi bagome izinja namakati uma abasebenzi boMnyango bevakashel­e ezindaweni ezihlukene.

Abafisa ukwazi ukuthi izinja namakati kugonywa nini ezindaweni abahlala kuzo kufanele babuze amakhansel­a abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa