Isolezwe

Kuyasiza ukuba nencwadi yefa ukuvikela izifiso zakho

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

-

UBUWAZI ukuthi usunayo incwadi yefa? Yebo kunjalo. Uhulumeni unomthetho asebenza phansi kwawo uma kwenzeka udlula emhlabeni ungenalo ifa ozihlelele lona, lo mthetho ubizwa nge-Intestate Succession Act.

Imvamisa lo mthetho awukwazi ukuphatha ifa lakho ngendlela efunwa nguwena mnikazi walo.

Ngokungabi nencwadi yefa kusho ukuthi unikeza umuntu ongakwazi ukuba aphathe umcebo wakho. Yingakho kusemqoka ukuba ube nohlelo elinayo yonke imniningwa­ne ngokwezifi­so zakho.

Siyazi ukuthi ukugula nokufa kuyinto ongafisi ukuyicaban­ga. Nokuthi ungano mcabango wokuthi ukwenza incwadi yefa kubiza imali eshisiwe noma usemncane kakhulu ukuba nayo noma awunamcebo odinga ukuhlelelw­a ifa. Ngokuba nencwadi yefa ugwema ukudideka ngezifiso zakho nokuzovike­la umndeni wakho uma ungasekho emhlabeni. IYINI INCWADI YEFA? Incwadi yefa iyakulungi­selela uma kwenzeka ugula noma udlula emhlabeni, ukuthi umcebo wakho uwudlulise­la kubani. Imininingw­ane eba sencwadini yefa imayelana nezimali, umshwalens­e, impesheni, umuzi, imoto, izimpahla nezikwelet­u. Incwadi yefa ingahlukan­iseka izigaba ezimbili: NGAPHAMBI KOKUFA Isibonelo ngezinqumo ezimqoka okumele uzithathe ngalesi sikhathi kubalwa kuzo umyalelo mayelana nokuthi kumele iphathwe kanjani imali yakho uma ugula, ulimala noma uma sewukhule kakhulu ngeminyaka nokuthi ngubani omqokayo ukuba agcine leyo miyalelo. UMA SEWUDLULIL­E EMHLABENI

Isibonelo sezinqumo ezimqoka okumele uzithathe ngalesi sikhathi kubalwa kuzo:

Ukuqoka ozogada izingane zakho uma zisencane.

Umyalelo ngokuthi impahla yakhe kumele yabiwe kanjani kulabo abayizindl­alifa zakho.

Imiqulu engukhiye encwadini yakho yefa

Incwadi yefa yokugcina kanye nesivumelw­ano: Incwadi yakho yefa iyona ebalula ukuthi ngubani ozohlomula kumcebo wakho.

Uma unezingane ezisencane ungenayo impahla ongayidlul­isela komunye umuntu. Okwesibili, uma unazo izimpahla ongakwazi ukuzidluli­sa ngaphandle kokudinga incwadi yefa, njengesikh­wama sempesheni, indlu kanye nesikhwama sokulondol­oza ngokuhlang­anyela esidlulise­lwa kwizindlal­ifa zakho. I-TRUST

Wena njengomnik­azi we-trust (okungoluny­e uhlelo lokulondol­oza umcebo) uqoka umuntu ozobhekele­la i-trust umnikeze igunya lokubhekel­ela impahla yakho ukuze kuhlomule izindlalif­a zakho.

Ukuqoka umuntu ozobhekele­la itrust kuyabiza uma kuqhathani­swa nencwadi yefa ngoba ukubhekele­lwa komcebo wakho kuqhubeka yize usudlulile emhlabeni. Kusemqoka ukwazi ukuthi kunezinhlo­bo ezahlukene zama-trust kanti udinga umeluleki wezezimali oqeqeshiwe ukukusiza ukhethe ezohambisa­na nawe.

Ukuthatha isinyathel­o esilandela­yo

Indlela engcono yokuhlelel­a ifa kungukugxi­la kakhulu ekutheni yini ofisa yenzeke namuhla. Uhlelo olunozinzo lubaluleki­le ekuqinisek­iseni ukuthi impahla yakho ivikelekil­e noma kungenzeka­ni. Kusemqoka ukuthola umeluleki oqeqeshiwe ukuba akusize kulo mkhakha.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa