Inkululeko yezomnotho mayingakheth’ iphela emasini
Kuliqiniso okungamele size siphikisane ngalo ukuthi iningi lamaNdiya libabukela phansi abantu abangamaNguni. AmaNdiya azibona engcono kakhulu kunabo.
La bantu ngisho nisebenza nabo nenza umsebenzi owodwa ofanayo, yena uzibona ekuphethe futhi enza kangcono kunawe. Ake nime kancane bo wezakhamuzi, ukuma endleleni yamaqiniso! Sanele Nzimande KWADUMISA, EMZINTO MHLELI: Bengifisa uhulumeni omkhulu ake akhulume into bese eyilandelela. Kuhlala kukhulunywa ngokuthuthukiswa kwabantu abasha kanjalo nabakhubazekile kuze kusungulwe nezinhlaka ezifana noNYDA, kodwa konke lokho akuwenzi umehluko.
Lokhu kwenzeka ngokukhetha iphela emasini. Ngabe abaqashwa ngoba bengafundile? Noma kuthiwa bazoqashwa bafunwa isipiliyoni. Uzosithathaphi ungakaze wasebenza ndawo?
Kuzomangaza ukuthola ukuthi kubo laba bafunde okwedlula la makhehla agweve nezikhundla. Amanye awo angicabangi ukuthi kwaGrade 12 ukhona. Thina esingenawo amandla okuzisondeza kuhulumeni sihlala sivota. Kodwa kulokhu (2019) asiziboni sivota, sekukaningi senziwa abantu abakhubazekile nasemqondweni.
Kwakhulunywa ngephesenti, elingekho namanje, lokuqashwa kwabantu abakhubazekile. Kungani uhulumeni engalandeleli, abone ukuthi kuyenzeka yini ezindaweni zikahulumeni lokhu akhuluma ngakho? Besicela uhulumeni angenelele.
Kuthiwa sakhululeka kodwa asikuboni lokho, kukhululeke abathile.
Inkululeko yomuntu ophila nokukhubazeka wusizo alukhiphayo ngenhliziyo ebuhlungu ngokuvotela umuntu ongenasizo kuyena, ngoba uma lowo muntu esephezulu ubakhahlelwa ngezinyawo. Ngenelela hulumeni wentando yabantu!