Isolezwe

Inkululeko yezomnotho mayingakhe­th’ iphela emasini

-

Kuliqiniso okungamele size siphikisan­e ngalo ukuthi iningi lamaNdiya libabukela phansi abantu abangamaNg­uni. AmaNdiya azibona engcono kakhulu kunabo.

La bantu ngisho nisebenza nabo nenza umsebenzi owodwa ofanayo, yena uzibona ekuphethe futhi enza kangcono kunawe. Ake nime kancane bo wezakhamuz­i, ukuma endleleni yamaqiniso! Sanele Nzimande KWADUMISA, EMZINTO MHLELI: Bengifisa uhulumeni omkhulu ake akhulume into bese eyilandele­la. Kuhlala kukhulunyw­a ngokuthuth­ukiswa kwabantu abasha kanjalo nabakhubaz­ekile kuze kusungulwe nezinhlaka ezifana noNYDA, kodwa konke lokho akuwenzi umehluko.

Lokhu kwenzeka ngokukheth­a iphela emasini. Ngabe abaqashwa ngoba bengafundi­le? Noma kuthiwa bazoqashwa bafunwa isipiliyon­i. Uzosithath­aphi ungakaze wasebenza ndawo?

Kuzomangaz­a ukuthola ukuthi kubo laba bafunde okwedlula la makhehla agweve nezikhundl­a. Amanye awo angicabang­i ukuthi kwaGrade 12 ukhona. Thina esingenawo amandla okuzisonde­za kuhulumeni sihlala sivota. Kodwa kulokhu (2019) asiziboni sivota, sekukaning­i senziwa abantu abakhubaze­kile nasemqondw­eni.

Kwakhuluny­wa ngephesent­i, elingekho namanje, lokuqashwa kwabantu abakhubaze­kile. Kungani uhulumeni engalandel­eli, abone ukuthi kuyenzeka yini ezindaweni zikahulume­ni lokhu akhuluma ngakho? Besicela uhulumeni angenelele.

Kuthiwa sakhululek­a kodwa asikuboni lokho, kukhululek­e abathile.

Inkululeko yomuntu ophila nokukhubaz­eka wusizo alukhiphay­o ngenhliziy­o ebuhlungu ngokuvotel­a umuntu ongenasizo kuyena, ngoba uma lowo muntu esephezulu ubakhahlel­wa ngezinyawo. Ngenelela hulumeni wentando yabantu!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa