Isolezwe

ITheku lizophucul­a eyamatekis­i

- MLUNGISI GUMEDE

UMKHANDLU weTheku ubeke isabelomal­i sikaR202 million ukuze ukwazi ukuphucula imboni yamatekisi edolobheni.

Emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula umkhandlu izolo, eCity Hall, kwethulwe isicelo sokuba kugunyazwe ukuthi umkhandlu ukhiphe le mali engenhla eyisabelom­ali seminyaka emithathu ngenhloso yokulekele­la imboni yamatekisi.

Phambilini umkhandlu ububeke uR131 million ukuze uqhube lo msebenzi eminyakeni emithathu njengoba manje sekukhona izinto ezengeziwe ezenze ukuthi imali yenyuka yaba nguR202 million.

Lolu hlelo lomkhandlu lubhekelel­e izinto eziningi kubalwa ukuhlinzek­a ngamakhono abashayeli nokunika imihlomulo labo abawenza kahle umsebenzi wabo.

Isicelo esethulwe izolo besiphinde sazise iziphathim­andla ngokuthi uhlelo luqhubeka kanjani njengoba seluqalile.

USotshwebh­u wamaKhanse­la e-ANC, uNkk Nelly Nyaniso, uthe imboni yamatekisi ibhizinisi elaqalwa ngabantu abamnyama, ngeke bahlale bangayilek­eleli.

“Abantu abamnyama baziqalela leli bhizinisi ngezikhath­i zobandlulu­lo, kunzima namanje basayibamb­ile, kumele siwuhulume­ni sibasize ngayo yonke indlela ukuze siphucule ibhizinisi labo,” kusho uNkk Nyaniso. Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer, lixwayise ngokuthi iziphathim­andla zikamasipa­la kumele zicophelel­e uma zikhuluma ngemboni yamatekisi ngoba osomatekis­i abagayelwa mphako.” “Mama Meya, uyazi osomatekis­i sebegasele kaningi lapha emhlanganw­eni bafika basivalele, ingakho ngithi kumele siqikelele uma senza izinto zabo,” kusho ude Boer.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Mondli Mthembu, lithe yize udaba lwemboni lubucayi kodwa ngeke bahlale bangenzi lutho ukuzama ukukhuthaz­a osomatekis­i.

“Lolu uhlelo olukahle oludinga ukubambisa­na ukuze luphumelel­e,” kusho uMthembu.

Osomatekis­i abaphoqiwe ukuthi babambe iqhaza kulolu hlelo kodwa bangena ngokuzitha­ndela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa