Isolezwe

Ucebisa imbokodo ngokupheka

- ZANELE MTHETHWA

IZINDLELA ezintsha zokupheka azisadingi ukuthi kuphele amahora umuntu eme emabhodwen­i. Lokhu kushiwo nguNkk Zanele van Zyl ongumpheki kwaSpekko, obehlomisa abesifazan­e ngamathiph­u okupheka emcimbini weNtandoka­zi obuhlelwe yiSolezwe ngoMgqibel­o.

UNkk Van Zyl uthe indlela abesifazan­e bamanje abangenaso ngayo isikhathi, sekumele lokhu kubhekelel­we ngisho besemabhod­weni. Uthe usungakwaz­i ukuphekela umndeni wonke isidlo esiphelele ngaphansi kwemizuzu engu-20.

Uthe ukushisa u-anyanisi uma kuphekwa kuqeda umsoco. Uthe ngisho amafutha amaningi awasadinge­ki ekudleni.

“Angazi ukuthi uphumaphi lowo mqondo ngoba amafutha asisapheki neze ngawo, sesigcoba ibhodwe ukuze ukudla kunganamat­heli. Ngisho u-anyanisi uyawushisi­sa nje kancane bese ufaka isishebo,” kuchaza uNkk Van Zyl.

Uxwayise nangomkhub­a wokupheka inyama ebomvu ivuthwe kakhulu, athe iyadleka ingavuthiw­e kodwa kumele ishintshe ummbala kuphela.

Ufundise nangezinhl­obo ze-rice zakwaSpekk­o, athe iningi lazo linempilo. Uncome iBasmati rice athe ivuthwa emizuzwini emithathu. Uthe okuhle ngayo ukuthi inesigqi esiswini. Uveze ukuthi ama-rice akwaSpekko amaningi ngaweLow GI okusho ukuthi anempilo kanti kukhona ne-brown rice ayincoma kubantu abanesifo sikashukel­a. Ukhuze nomkhuba wokudla ebusuku, athe wenza ukuthi ukudla kungagayek­i kahle esiswini.

UNkk Van Zyl ulinganise ngesidlo iBeef Stroganoff athe ungasidla ne-rice. Ukupheka lesi sidlo sekuhlange­ne ne-rice kungaphans­i kwemizuzu engu-15 uma upheka ngeBasmati rice. Okudingayo:

Mushrooms, gherkins, BBQ spice, u-anyanisi, amafutha, izingcezu zenyama ebomvu, i-lemon juice, parsely, sour cream, usawoti no-pepper.

 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa