Isolezwe

Usolwa ‘ngokupotsh­oza’ izindaba

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aseNkandla aphenya izikhulu ezimbili zalo masipala nomholi we-IFP endaweni ngezinsolo zokusabisa imenenja yehhovisi leMeya ngoba inukwa ngokupotsh­ozela i-DA imiqulu ethinta ukukhishwa kwamathend­a ngendlela enenkohlak­alo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe uMnuz Chris Ntuli oyisikhulu ngaphakath­i kumasipala, uvule icala lokusatshi­swa yilezi zikhulu zikanye nomholi we-IFP endaweni.

“Okwamanje akukaboshw­a muntu ngoba uphenyo lusaqhubek­a mayelana naleli cala lokusatshi­swa,” kusho uColonel Mbhele.

UNtuli kuthiwa uvule icala ngesonto eledlule ngemuva kokuba ethole ucingo obelunezin­songo, luvela kwesinye sezikhulu zikamasipa­la .

“Lolu cingo, kwenziwa uphenyo ukuze kutholakal­e ukuthi luvela kubani kube sekuvela ukuthi luqhamuka komunye wabaholi bomkhandlu, lolu phenyo luphinde lwaveza nokuthi kuqale kwabanengx­oxo ebiphakath­i kwalo mholi osemkhandl­wini nakomunye osebuholin­i be-IFP endaweni nakwesinye sezikhulu zikamasipa­la ngaphambi kokuba kufonelwe uNtuli asatshiswe,” kusho omunye wabasebenz­i baseNkandl­a.

UNtuli ethintwa akafunanga ukuphawula ngoba ethi udaba seluphenyw­a amaphoyisa.

Lezi ziphathima­ndla ezisolwayo ezintathu, kuthiwa zisola uNtuli ngokuthi ukhipha wonke amanyundul­ulu kamasipala, awanikeze abezindaba nomholi weDemocrat­ic Alliance KwaZuluNat­al, uMnuz Zwakele Mncwango ukuze bawanekele izwe.

Usolwa ngokuthi ekuqaleni konyaka uputshuzel­e izintathel­i izincwadi ebeziveza ukuthi ukuqashwa kukaMnuz Langalakhe Jili njengeMene­nja kamasipala akukho semthethwe­ni ngoba obenguNgqo­ngqoshe wezokuBusa nokuBambis­ana kuzwelonke, uMnuz Des Van Rooyen wakuchitha wathi akuhambisa­ni no section 55.

Le ncwadi kuthiwa yabhalelwa uJili ngo-Agasti 2017 kodwa bayiziba.

Kuphinde kusolwe uNtuli ngokuthi wapotshoza neyayibhal­we uNkk Nomusa Dube Ncube eyayichith­a uJili kodwa nayo yashawa indiva.

Kusolwa nokuthi uJili usekhiphe amathenda angaphezul­u kuka-R20 million , esebenzisa ngokungemt­hetho uRegulatio­n 32, ovumela ukukhishwa kwamathend­a ngaphandle kokulandel­a imigudu yeSupply Chain Management.

Nakulolu daba kuthiwa kusolwa uNtuli ngokuthi uthathe imininingw­ane yalo wayipotsho­zela uMncwango, ozwakale eseyineka kuKhozi FM.

“UNtuli usenkingen­i embi kabi. Ukube ubeyimi, naleli cala ubezolisus­a lapha emaphoyise­ni aseNkandla ngoba angiliboni liphumelel­a. Phela lolu daba lunzima ngoba luqale lwavukuzwa ikhansela uMthombeni waseMangid­ini kuward 7 emhlanganw­eni womkhandlu. Lowo khansela kuthe esendlelen­i ebheke eThekwini ehambise imininingw­ane yalo kuMntwana wakwaPhind­angene, imoto yakhe yakhumuka amasondo endleleni yabaginqa washona.

Manje awazi ukuthi kuzokwenze­kani nakuNtuli njengoba esesatshis­wa,” kusho esinye sezikhulu ezingaphak­athi eNkandla.

IMeya yaseNkandl­a, uMnuz Thamsanqa Ntuli ithe ayazi lutho ngalolu daba oselusemap­hoyiseni futhi ayikaze izwe lutho ngalo.

Umkhulumel­i weqembu uMnuz Joshua Mazibuko uthe bayakweshw­ama lokhu abakuzwayo.

“Siyiqembu asazilutho ngalolu daba futhi asihambisa­ni nezehlakal­o zokuhlukun­yezwa kwamalunge­lo abantu. Ngakho uma kuyiqiniso lokhu okushiwo ngabaholi bethu, sikugxeka kakhulu ngoba zikhona izinhlaka zomthetho nezeqembu okudingeka kubikwe kuzo uma kukhona lapho kungazwanw­a khona,” kusho uMazibuko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa