Isolezwe

Izinhlelo zobumbano kwi-PAC kuhlangene abaholi

- MLUNGISI GUMEDE

I-PAC KwaZulu-Natal isishayela ihlombe isinyathel­o sokuhlanga­na kwabaholi abadala benhlangan­o ngenhloso yokuqeda umbango nokwakha ubumbano.

Lo mhlangano oyingqopha­mlando wePAC ubuseGaute­ng ngempelaso­nto edlule.

IPAC kumanje inezinhlan­gothi ezintathu njengoba kukhona olukaMnuz Luthando Mbinda, Mnuz Letlapa Mphahlele noMnuz Narius Moloto.

USihlalo wePAC esifundeni iJoe Mkhwanazi eKZN uMnuz Richman Mhlongo uthe basincoma kakhulu isinyathel­o sabaholi benhlangan­o sokuhlanga­na ngenhloso yokwakha ubumbano.

“Sifisa ukuthi lezi zingxoxo zibe impumelelo njengoba inhlangano ingakwazi ukusebenza ngenxa yombango, thina siyazama ukusebenza emazingeni aphansi kodwa abantu abafuni ukusilalel­a bathi singabatsh­elani njengoba inhlangano yethu ihlukene phakathi,” kusho uMhlongo.

Uthe umsebenzi wePAC ukuhlangan­isa ama-Afrika ukuze abeyimbumb­a.

“IPAC iwumzimba wawo wonke umuntu omnyama ezwenikazi lase-Afrika uma thina sinhlakanh­laka abantu ngeke baze babe nethemba, kubaluleki­le ukuthi sibumbane ukuze sikwazi ukulwela ama-Afrika,” kusho uMhlongo.

Uthe bayathemba ukuthi ubumbano enhlanganw­eni luzoba nezithelo ezinhle bakwazi ukuya okhethweni lwangonyak­a ozayo sebekhulum­a ngazwi linye.

“Kusijabuli­sile ukubona zonke izingqalab­utho zenhlangan­o zisukumela phezulu uma kukhulunyw­a ngodaba lokwakha kabusha inhlangano,” kusho uMhlongo.

Phakathi kwezingqal­abutho zePAC abezikhona emhlanganw­eni kubalwa uDkt Motsoko Pheko, Bishop Stanley Mokgoba, Mnuz Mike Muendane, Mnuz Alton Mphethi nabanye.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal uMnuz Thabani Khumalo uthe lokhu kuhlangana kwePAC kumele ngabe kade yakwenza.

“Uma ubheka lezinto okukhuluny­wa ngazo manje kokubuyisw­a komhlaba nokufukulw­a kwabantu abamnyama kwezomnoth­o, zonke lezo zinto inkolelo yePAC njengoba manje sezithathw­e amaqembu angosomath­uba okubalwa kuwo ne-EFF,” kusho uKhumalo.

Uthe uma abaholi bePAC bezonhlang­ana ngokweqini­so lokhu kuzoyisiza inhlangano ukuze ikwazi ukuvuka izithuthe.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBUHOLI bePAC obebuhlang­ene eGauteng ngenhloso yokwakha ubumbano kule nhlangano
Isithombe: SITHUNYELW­E UBUHOLI bePAC obebuhlang­ene eGauteng ngenhloso yokwakha ubumbano kule nhlangano

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa