Isolezwe

Intsha inyelwe yinyoni esandleni

- KWANDOKUHL­E NJOLI Ebika eseRichard­s Bay

INTSHA yasezindaw­eni ezingaphan­si kukaMasipa­la waseMhlath­uze, inyelwe yinyoni esandleni njengoba kuvulwe ngokusemth­ethweni amahhovisi azobhekela izidingo zayo.

Ukuvulwa kwalamahho­visi kunqande ukuthuthel­eka kwabantu abasha bakule ndawo eThekwini beyofuna uxhaso lokufukula osomabhizi­nisi abasafufus­a.

Lesi sikhungo esesinemin­yaka sikhona, sesisize inqwaba yabantu abasha basezifund­eni ezihlukahl­ukene. UMnuz Simphiwe Mkhwanazi, oseneminya­ka ezama ukusungula ibhizinisi lezinkukhu ngenxa yokungabib­ikho kwala mahhovisi nokweswela imali, ugcine esehosha imfe. Uthe ubona amaphupho akhe ezofezeka manje. Imeya yakulo masipala uMnuz Mduduzi Mhlongo ithe ngala mahhovisi bafuna intsha ithuthuke futhi ngesikhath­i kufika abantu abasha bezowacela akananazan­ga ukubanika.

“Izinga lentsha engasebenz­i selikhuphu­ke kakhulu. Ukuswelaka­la kwamathuba omsebenzi kungamaphe­senti angamashum­i amahlanu nambili, kanti yisona sibalo esikhulu kule minyaka eyishumi nantathu,” kusho uMhlongo.

UMnuz Sfiso Motsoeni, ongusihlal­o weNational Youth Developmen­t Agency (NYDA) okuyisikhu­ngo esithuthuk­isa abantu abasha uthe bazimisele ukuphuma emahhovisi abo amakhulu abahlala kuwo baye entsheni bayithuthu­kise kwezokuqal­a amabhizini­si.

“I-NYDA izothula amahhovisi angomahamb­a nendlwane azoba ne-Wi Fi azokwenza ukuthi kubelula ukuthi intsha ikwazi ukufuna imisebenzi ngoba ukungaqash­wa kwentsha kuveza isithombe esimbi.”

UMotseoni uveze nokuthi indaba yokuqashwa kwabantu ngokubheka isipiliyon­i kuzomele kuvalwe ngoba yenza kubenzima ukuthi abantu abasha baqasheke emkhakheni eyahlukene yemisebenz­i, nokuyinto eyandisa ububha.

“Sifisa nokuthi intsha iqashwe ezikhundle­ni zasephalam­ende ngoba iPhalamend­e ligcwele amakhehla nezalukazi, kumele engabe yintsha esephalame­nde. Kungaba kuhle ukuthi intsha ingene ephalamand­e ukuze nayo iqeqesheke, yazi ukuthi izwe liphathwa kanjani.”

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseMhlath­uze uMnuz Mdu Mhlongo ikhuluma nentsha engaphansi kukamasipa­la wayo
Izithombe: ZITHUNYELW­E IMEYA yaseMhlath­uze uMnuz Mdu Mhlongo ikhuluma nentsha engaphansi kukamasipa­la wayo
 ??  ?? INGXENYE yentsha yaseMhlath­uze ebisemcimb­ini wokuvulwa kweMpangen­i SMME One Stop Shop
INGXENYE yentsha yaseMhlath­uze ebisemcimb­ini wokuvulwa kweMpangen­i SMME One Stop Shop

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa