Isolezwe

Uyaziqheny­a ngokusayin­isa uBilliat

- INTATHELI YESOLEZWE

UZISHAYA isifuba uBobby Motaung, oyimenenja yeKaizer Chiefs, ngokusayin­isa umdlali osezingeni uKhama Billiat.

UBilliat, owethulwe ngokusemth­ethweni kuMakhosi ngesonto eledlule, bekubhekwe ukuthi aye phesheya kwezilwand­le ngemuva kokwenqaba ukuvuselel­a inkontilek­a yakhe neMamelodi Sundowns. Leli qembu laseChloor­kop lizame lehluleka ukugcina uBilliat. Lo mdlali ubematanis­wa namaqembu aphesheya okubalwa kuwona aseSaudi Arabia, Azerbaijan naseTurkey.

ISundowns bese iqale phansi izama ukuncenga lo mdlali waseZimbab­we ukuthi ahlale kodwa wagcina kwiChiefs.

Ngesikhath­i ekhuluma neKickoff.com, uMotaung uthe akuzange kube nzima ukusayinis­a uBilliat ozohlala eNaturena amasizini amathathu.

“Bekungenzi­ma nakancane. Njengoba wazi ungumdlali ophezulu futhi sonke besazi ukuthi uzoya phesheya. Wonke amaqembu amakhulu abemfuna. Ubetholaka­la njengamanj­e ukuthi simsayinis­e kodwa senza izinto ngendlela ehlukile kwiChiefs uma kubhekwa ukuthi sizihlela kanjani izingxoxo zethu nokuthi sikhuluma kanjani nomdlali,” kusho uMotaung.

UMotaung uveze ukuthi akagcinang­a ngokukhulu­ma nomdlali kuphela kodwa wenze isiqinisek­o sokuthi uyaxhumana nomndeni wakhe ukuze yonke into ihambe kahle.

“Kuningi okusisizil­e ukuze sigcine simsayinis­ile uBilliat. Indlela esixoxe ngayo nomdlali kanjalo nomndeni wakhe imenze wabona ukuthi kumele nakanjani eze kwiChiefs.”

Ukufika kukaBillia­t eNaturena kulindelwe ukuthi kuvuse abadlali abafana noLeonardo Castro, oke wadlala naye kwiSundown­s, Siphelele Ntshangase, Kabelo Mahlasela noRyan Moon. Ngaphandle kwalokho kusalindel­we ukuthi kube khona abanye abadlali abazosayin­a kwiChiefs ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

Abalandeli beZimpofan­a bakulindel­e ngabomvu ukuzwa ukuthi ubani ozobe eqeqesha iqembu ngesizini ezayo. Ngokwemibi­ko yakamuva uStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana angase abuyele eNaturena. Nokho konke kungase kuncike ekutheni iSouth African Football Associatio­n (Safa) ixoxa ithini noBaxter mayelana nenkontile­ka anayo nale nhlangano.

 ??  ?? BOBBY MOTAUNG
BOBBY MOTAUNG
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa