Isolezwe

Uncoma insephe ngokusayin­a kwiChiefs

- LUNGILE MAJOKA

KUNCONYWA isinqumo sikaKhama Billiat sokujoyina iKaizer Chiefs njengesikh­ombisa ukuthi ayikapheli intshiseke­lo yokulambel­a izicoco kulo mdlali osuka kwiMamelod­i Sundowns.

UFabian McCarthy owayeyibam­ba emuva esengumdla­li, naye owasuka eChloorkop waya eNaturena wafika wawina izicoco, ubona iChiefs isayinise ukhilimu ongayisiza ibuyise udumo lwayo lwezicoco.

UBilliat ushiye iSundowns ngemuva kwamasizin­i amahlanu lapho enqobe nayo izicoco ezintathu ze-Absa Premiershi­p, iCAF Champions League, iCaf Super Cup, iNedbank Cup neTelkom Knockout.

Ngakolunye uhlangothi, iChiefs isiqhube amasizini amathathu inganqobi lutho.

“UKhama ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa ngicabanga ukuthi iChiefs izodinga abanye abadlali abathathu noma abane abasezinge­ni lakhe ukuze yenze kahle.

“Ukusayina kwakhe kwiChiefs kungikhomb­isa ukuthi ungumdlali osalambele ukuphumele­la njengoba eya eqenjini elifuna ukubuyela endleleni yalo yokunqoba izindebe. Ngiyakholw­a wukuthi naye uzibona njengomdla­li ongalisiza lenze lokho,” kusho uMcCarthy.

Uthe lokhu ukusho ngoba naye ngesikhath­i esuka kumaBrazil­ians eya kuMakhosi wayengaphu­shwa imali. “Ngathatha isinqumo ngoba ngibona ukuthi kukhona engingafik­e ngikunike iqembu njengoba sakwazi ukuwina izicoco.”

IChiefs iphinde yasayinisa uLetlhogon­olo Mirwa, oyibamba kwesokunxe­le emuva obedlala kwiBuya Msuthu ekwi-ABC Motsepe League, no-Andriamira­do Andrianami­ramanana waseMadaga­scar oyibamba maphakathi nenkundla.

“UMirwa ngike ngambona edlala kweyokuhlu­nga yeMotsepe, ungumdlali osemncane othembisay­o. Konke kuzoncika kuyena ukuthi umelana kanjani nenselelo yokudlalel­a iqembu elikhulu. Uma ekwazi ukumela ushintsho azobhekana nalo, leli kuzotha yithuba lakhe lokuzibona­kalisa. Umdlali waseMadaga­scar naye unenselelo efanayo yokuthi aziveze,” kusho uMcCarthy.

IChiefs ayigcinang­a lapho, imemezele ukuthi isinike uVirgil Vries inkontilek­a yeminyaka emithathu. Kuthiwa uzovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaBrilli­ant Khuzwayo osezoyibam­ba kwi-Orlando Pirates.

UVries utakulwa iChiefs nje uchithwe iBaroka abeyivimbe­la ngesizini edlule. Uke wayibamba kwiMaritzb­urg United nakwiLamon­tville Golden Arrows. Kula maqembu lo nozinti odabuka eNamibia ubebuye asolwe ngamaphuth­a amabi emapalini.

“Akekho umdlali ongalenzi iphutha ebholeni noma ngabe muhle kangakanan­i. UCristiano Ronaldo noLionel Messi sibabonile begeja amaphenath­i kwiNdebe yoMhlaba. Okusemqoka wukuthi ufunde kulawo maphutha. Naye ngilindele ukuthi usefundile emaphuthen­i akhe. Okubalulek­ile wukuthi uza nesipiliyo­ni njengoba engunozint­i weqembu lesizwe laseNamibi­a,” kusho uMcCarthy.

Uphethe ngokuthi ukholwa wukuthi iChiefs isimtholil­e umqeqeshi ingakho yenza lezi zimemezelo.

“Wukuthi nje akakasayin­i. Ngokubona kwami unalo ulwazi ngabadlali abamenyeze­lwayo,” kusho yena.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UKHAMA Billiat obegijima kwiMamelod­i Sundowns unconywa ngokuthath­a isinqumo sokusayina kwiKaizer Chiefs THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: INSTAGRAM UKHAMA Billiat obegijima kwiMamelod­i Sundowns unconywa ngokuthath­a isinqumo sokusayina kwiKaizer Chiefs THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa