ISIMANGA I-CHIEFS ISAYINISA UNOZINTI OBEWAQOQA AMAMOEMISH OF THE WEEK
KUSHIYE abaningi beshaqekile ukumemezela kweKaizer Chiefs ukuthi unozinti ongumakadebona abebekhuluma ngaye ukuthi uzosiza u-Itumeleng Khune nguVirgil Vries waseNamibia.
Emlandweni iChiefs iyaziwa ngokuba nonozinti beqophelo eliphezulu yingakho kuthusile ukumenyezelwa kukaVries obebonakala njalo ohlelweni lwebhola oludlala ngoMsombuluko kwithelevishini eqoqa ephindelela kwiMoemish of the week. Lapha kusuke kugconwa umdlali owenze iphutha eligcina seliyihlaya.
Namanje lisahlekwa igoli elangenela uVries ngo-2011 esadlala kwiLamontville Golden Arrows. Waphaselwa kahle ibhola nguRobyn Johannes kodwa lo nozinti waqoma ukuwa phansi ibhola laphuma ngaphansi kwemilenze yakhe iqembu lakhe lihamba phambili libhekene naMaZulu eKing Zwelithini Stadium.
NakwiMaritzburg United engelinye lamaqembu ake adlala kuwona, wenze iphutha elibi bebhekene neMamelodi Sundowns lagcina liyimoshile iTeam of Choice lelo goli. UPotshoza uyazi ukuthi uVries ube nesandla futhi ekuqedeni ngephupho leNamibia lokuya kwiNdebe yoMhlaba ka-2014 ebiseBrazil. Ngesikhathi iNamibia ihamba phambili ngo 1-0 uVries ungenelwe yi-free kick eyayihamba kancane ishaywe nguJohn Obi Mikel weNigeria. NakwiCosafa eminyakeni edlule uVries udedele ibhola elilula bebhekene neBafana Bafana. NgokukaPotshoza, iChiefs imsayinise ngamabomu lo nozinti ukukhumbuza abathandi bebhola ukuthi iyakwazi ukuzakhela unozinti ngakho noVries izomshintsha abe wumpetha ezintini.