Isolezwe

Isihlabani ebholeni simfuna ephesheya uPercy Tau

- NDUDUZO DLADLA

OMPETHA beNdebe yoMhlaba bango-1998, iFrance, ebidlala neDenmark, baqophe umlando omubi wokuba amaqembu okuqala kweyaseRus­sia (iNdebe yoMhlaba) ukudlala ngokulinga­na kuba ngu 0-0.

Umdlalo, obuseLuzhn­iki Stadium izolo, ugcine usubacasul­a nabalandel­i, ikakhuluka­zi abeFrance njengoba iDenmark ibisimile ingadlali esiwombeni sesibili.

Yize kube yibohlolol­o ukuphela kukaGroup C kodwa iFrance neDenmark badlulele kwiLast 16.

Bekubonaka­la nokho ukuthi womabili la mazwe adlala nje avele aseyazi ukuthi yiwona azomela uGroup C ku-Last 16 ngoba nabadlali obaziyo ukuthi bafela enkundleni njengoN’golo Kante weFrance noChristia­n Eriksen weDenmark, bebengazit­hanqazi.

EzikaDidie­r Deschamps ziqale umqhudelwa­no ngewini emincisile nokho zinqoba ngo 1-0 kwiPeru, kwathi iDenmark yabambana ne-Australia ngo 1-1. Kuthe ukuba ngcono kweyesibil­i lapho ompetha bango-1998 benqobe ngo 2-1 kwi-Australia. Ngesikhath­i esifanayo iDenmark inqobe kwiPeru ngo 1-0.

Awekho amathuba atheni abonakale emdlalweni ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala. Abadlali bebekhombi­sa izimpawu zokucabang­a nge-Last 16.

Abadlali lapha bebebheke kakhuku ukungawath­oli amakhadi baphinde bagade lapho befaka khona imilenze yabo ngoba ukulimala bekungasho ukungadlal­i kwiLast 16.

Nokuqala lo mdlalo kukaDescha­mps ngaphandle kokaputeni uHugo Lloris, Paul Pogba noKillian Mbappe oshaye igoli benqoba owokuqala, kukhombise ngokusobal­a ukuthi ingqondo yomqeqeshi ibikuphi.

Komunye umdlalo waleli qoqo, lapho bekubheken­e khona abese bevele sebepakish­ile, iPeru ivuke nge-Australia iyidabula ngo 2-0 emdlalweni obuseSochi. I-Australia iphoxile lapha ngoba ishaywa iPeru nje ibinalo ithuba lokudlulel­a kwiLast 16. Okujabulis­ile ngePeru wukuthi iwatholile amaphuzu ekugcineni yize ebengasash­o lutho ngoba idlale ibhola elihle eRussia kodwa yaba nebhadi lokungayiw­ini imidlalo.

Umbiko ulotshwe ingakaqali ekaGroup D ezocacisa ukuthi iFrance neDenmark bazodlala nobani kwiCroatia, Argentina neNigeria kwi-Last 16. SIKHO isikhathi esidlula lesi, uPercy Tau kufanele ayodlala phesheya kwezilwand­le ngoba usekwenze konke ebholeni lakuleli, yini entsha esalindele­ke kuyena.’

Lawa ngamazwi kaDelron Buckley odlale iminyaka ewu-14 eGermany, walunguza naseGreece kwi-Anorthosis Famagusta phakathi kuka-2009 no-2010. Ngokusho kukaBuckle­y, ukuya kukaTau, odlalela iMamelodi Sundowns, phesheya kuzomsiza akhule ezingxenye­ni ezithile ebholeni lakhe, kuphinde kusizakale neqembu lesizwe, iBafana Bafana.

“Lapha sikhuluma ngomdlali osezingeni eliphezulu kakhulu. Ungomunye wabadlali abayindlal­a ezwenikazi i-Afrika ngenxa yesiphiwo anaso esihlukile kubadlali abaningi,” kuchaza uBuckley odlale kwi-iVfL Bochum, Arminia Bielefeld, Borussia Dortmund neMainz 05 eGermany.

UTau ungundabam­lonyeni kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi kunamaqemb­u aphesheya kwezilwand­e amfunayo okubalwa kuwona neBrighton & Hove Albion yase-England. Kuvela ukuthi leli qembu libeke etafuleni imali engu-R44 million kodwa iSundowns iyayichith­a le mali, ikhala ngokuthi incane.

Lokhu kuholele ekutheni uTau angilubhad­i eRustenbur­g lapho amaBrazili­ans ezicijela khona isizini entsha.

Okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa, utshele iMetro FM ngoMsombul­uko ebusuku ukuthi akukho ngxabano ekhona phakathi kukaTau neqembu, ubabekele isizathu sakhe sokungafik­i ekhempini. Leli qembu liphinde lakhipha isitatimen­de lichitha imibiko ethi livimbela umdlali ukuthi aye e-Europe.

Kwenzeka konke lokhu nje lesi sikhwishik­hwishi, esidlala ngonyawo lwesokunxe­le, sesinqobe izicoco zonke ezisebhole­ni lakuleli, eseCAF Champions League neseSuper Cup, naBafana Ba Style.

“Ngesikhath­i sihlungela ngempumele­lo imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-1998, neka-2002, sasinabadl­ali abaningi ababegijim­a phesheya kwezilwand­le. Ngo-2002 nje, uQuinton Fortune wayedlalel­a iMancheste­r United, uBenni McCarthy wayedlala kwiFC Porto nabanye abaningi. Kungakho senza kahle eKorea naseJapan futhi sasinesikw­ati esihle. Ngakho ukuya kwakhe phesheya kuzomkhuli­sa njengomdla­li, kuphinde kusize neqembu lesizwe. “Engingakus­ho kubadlali abadlala kwi-Absa Premiershi­p ukuthi uma kuvela ithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le abalithath­e balibambe ngezandla zombili ngoba akukho nokuncane okuzobalah­lekela, kunalokho bazozuza,” kusho uBuckley oseziqalel­e inkulisa yakhe ayibiza ngeDelron Buckley Soccer School.

Nakuba iBrighton & Hove Albion kuthiwa kuseyiyona ephumele obala ngothando lwalesi sibabuli, uBuckley uthe ubefisa uTau adlale kwi-Italian Serie A ngoba ihambisana nebhola lakhe.

“Ubezongena athi khaxa kwiItalian Serie A. Ngikusho lokhu ngoba ibhola lakhona alisheshi kakhulu futhi abadlali bakhona bayathanda ukugcina ibhola, lokhu yena angakuthok­ozela kakhulu. Nakhona eGermany ngibona engadlala ngoba kucishe kufane nase-Italy, umehluko khona ukuthi kuyabanda njengoba onyakeni kuba yizinyanga ezintathu kuphela lapho ubona khona ilanga. Okusho ukuthi izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e zonke, usuke ubulawa ungqoqwane,” kuchaza uBuckley.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, akalubhadi ejimini njengoba kunokungab­oni ngaso linye neqembu mayelana nokuya kwakhe phesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, akalubhadi ejimini njengoba kunokungab­oni ngaso linye neqembu mayelana nokuya kwakhe phesheya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa