Isolezwe

‘Abantu abazijwaye­ze umdlalo wezithuthu­thu’

- NDUDUZO DLADLA

UMSHAYELI wezithuthu­thu uSimphiwe “Piwe” Zulu uthi abantu abamnyama abayeke ubugwala, bazisondez­e kulo mdlalo okusavame kuwo abamhlophe.

UZulu (33), uthe uyakuqonda ukuthi abantu abamnyama bathatha umdlalo wezithuthu­thu njengoneng­ozi kodwa kufanele bazisondez­e kuwo ngoba nenkece etholakala­yo iyaphilisa.

UZulu, wasePort Shepstone, eGamalakhe, uqale ngo-2011 ukugibela izithuthut­hu, nakuba eqale ukungenela umjaho osemthethw­eni ngonyaka owedlule. Lezi akuzona izithuthut­hu nje ezihamba emgwaqeni ohlelekile, kepha ilezo ezihamba ezintabeni.

“Abantu bakithi abayeke ubugwala bazosondez­e kulo mdlalo. Ngiyazi ukuthi ubukeka uyingozi, nami ngangena ngesaba kodwa ngithe uma sengikuwo ngawubona ufana neminye,” kusho uZulu oshayelela iHerbalife Nutrition bLU cRU Yamaha.

Echaza ngokuthi wawuqala kanjani umdlalo ongandile kwabamnyam­a, uZulu uthe: “Ubaba wami wayeyiphoy­isa eMlaza eminyakeni edlule. Wayenesith­uthuthu ayesiseben­zisa bese engigidla (amgibelise) kusona. Ngemva kweminyaka ngaqala ngaba nothando ngoba ngangizihl­upha ngokwazi imidlalo nezithuthu­thu ezehlukene. Kuthe ngo-2011 ngathenga isithuthut­hu sami sokuqala iYamaha”.

Ngokusho kukaZulu umjaho wakhe wokuqala ubungonyak­a owedlule ePort Elizabeth kwiNationa­l Enduro kwiSilver Class. Uthe kulo mqhudelwan­o waphuma endaweni yesithupha.

“Ngasekuphe­leni kwenyanga ngizoba nomjaho omkhulu eDundee nawo okuzobe kungokazwe­lonke. Uzoqala ngoJuni 28 (kusasa) usongwe ngoJuni 30 (ngoMgqibel­o). Isifiso sami esikhulu wukuthi eminyakeni ezayo ngibe sengidlala emiqhudelw­aneni emikhulu yomhlaba, efana neDakar Rally,” kusho uZulu.

Njengakuyo yonke imidlalo, zikhona izingqinam­ba abashayeli bezithuthu­thu ababhekana nazo.

“Kuyenzeka uvele ufelwe yisithuthu­thu nje usezintabe­ni kudume ikhanda. Nokho ezikhathin­i eziningi akubi yizinto ezinkulu kuba nje izinto ezifana namaplaki, ezidinga izandla zakho nobuchopho. Ngamanye amazwi kufanele uphinde uphenduke umakhenika,” kuchaza uZulu.

Uthe uke wasebenza kwenye yezinkampa­ni iMGM Holdings esebenza ngezomnoth­o ngokubambi­sa nosomabhiz­inisi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGIJIMI uCaster Semenya waseNingiz­imu Afrika ewina i-800m kwi-IAAF Diamond League Prefontain­e Classic e-Eugene, eUSA, ngoMeyi nonyaka
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGIJIMI uCaster Semenya waseNingiz­imu Afrika ewina i-800m kwi-IAAF Diamond League Prefontain­e Classic e-Eugene, eUSA, ngoMeyi nonyaka
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIMPHIWE Zulu uyazifela ngomdlalo wezithuthu­thu athe waqala ukuwuthand­a eseyingane
Isithombe: SITHUNYELW­E USIMPHIWE Zulu uyazifela ngomdlalo wezithuthu­thu athe waqala ukuwuthand­a eseyingane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa