USemenya uzogijima emangalele i-IAAF
KULINDELEKE ukuthi amehlo omhlaba aphinde athi njo kumgijmi waseNingizimu Afrika uCaster Semenya ozobe eyibambe kwi-IAAF Diamond League, eParis, eFrance, ngoMgqibelo.
Okuzobizela amehlo omhlaba uSemenya wukuthi kuzobe kungokokuqala eya koncintisana ngemuva kokufaka enkantolo inhlangano eyengamele ezokugijima emhlabeni i-International Association for Athletics Federation (IAAF).
Ngesonto eledlule uSemenya ufake i-IAAF kwiCourt of Arbitration for Sports (CAS) ephikisa umthetho wayo ovimbela abagijimi besifazane abanetestestorone engaphezulu kwale ejwayelekile kulobu bulili, ukuthi bancintisane nabanye ebangeni lika-400m, 800m no-1500m.
Lawa ngamabanga uSemenya azidlela amahlanga kuwona. Esitatimendeni asibhalile esibhekise kwi-IAAF uthe uyacwasa lo mthetho okulindeleke ukuthi uqale ukusebenza ngoNovemba.
USemenya uke wakusho ukuthi akathandi ukuphawula ngalo mthetho ngesikhathi eyogijima ezinyangeni ezedlule. Emidlalweni engaphambili yeDiamond League abebembuza ngawo ubebatshela ukuthi akaphawuli “ngombhedo” kuphelele lapho.
Ngaphandle kwaleli lifu elilokhu limlandele kusukela aqala ukugqama ezingeni lomhlaba ngo-2009, kuzobhekwa ukuthi lo mgijimi aqhubeke nokudla ubhedu.
USemenya useqhube cishe iminyaka emithathu engahlulwa emiqhudelwaneni kusukela abuya ekulimaleni ngo-2015. Kule minyaka unqobe isicoco sama-Olympic kwi-800m nakwiIAAF World Championship. Udle ubhedu kwi-800m nakwi-1500m kumaCommonwealth Games kanti nguyena ovikela isicoco sanyakenye seDiamond League kwi-800m.
Kulo nyaka usenqobe umjaho weDiamond League wase-Eugene kwi-800m ne-1500m eDoha.
Abanye abagijimi bakuleli abazobonakala eParis, umpetha wamaCommonwealth ku-100m, u-Akani Simbine.
USimbine kulindeleke ukuthi afike kulo mjaho enokuzethemba ngemuva kokushaya isikhathi esingaphansi kuka-10:00 akwenze kwi-IAAF World Challenge ngempelasonto edlule.
UHenricho Bruinjties noThando Roto bona bazogijima kwi-100m B ebekelwe labo abasafuna ukuzibeka ezingeni lokuqhuthana nezethenjwa. Kanjalo nomgijimi osemncane uLuxolo Adams uzolwela ukuzibonakalisa ku-200m okuwumjaho ongekho ngaphansi kweDiamond League.